KUBOSHWE ababhikishi abayisikhombisa baseNgonyameni abasolwa ngokuphehla udlame ngesikhathi kunombhikisho womphakathi ukhala ngokushoda kwamanzi kule ndawo, izolo.
Umbhikisho owaqala ngoMsombuluko, izolo ubusungenele osukwini lwesine. Umphakathi uqhubeke nombhikisho ngoba ungenelisekile ngezimpendulo zikamasipala mayelana nokuthi kungani amanzi ephuma kwenye ingxenye yewadi kwenye engaphumi.
Izolo umphakathi kuthiwa uvuke entathakusa wavala umgwaqo uMangosuthu Highway ngamathayi avuthayo, izingodo namatshe.
Umthombo wephephandaba ocele ukungadalulwa usaba ukuboshwa, uthe abenelisekanga ngencazelo kamasipala yokuthi kusamele kulungiswe amapayipi amanzi avuzayo.
“NgoMsombuluko esaqala ngawo umbhikisho, bekunezingxenye zewadi ebezingenamanzi, avuleka kuzo ihora kuya kwamabili. Ayephuma kanjani uma amapayipi evuza. Sisamile ekutheni asisayingeni eyokuqhuba amabhala sithutha amanzi alethwa yimoto. Uma ingalungiswa le nto sizovuka zonke izinsuku sivale umgwaqo soze sinakwe,” kusho ilungu lomphakathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa asesiteshini iBhekithemba aphuthume kule ndawo ngemuva kokuthi umphakathi uvale uMangosuthu Highway, kwashiswa nehholo.
IMOTO yamaphoyisa ephantshiswe amasondo, yashaywa ngamatshe eNgonyameni ngesikhathi kunombhikisho womphakathi okhala ngokushoda kwamanzi Isithombe: Sithunyelwe
“Kulinyazwe nemoto yamaphoyisa. Kuboshwe abayisikhombisa ngokudala udlame emphakathini,” kusho uCol Mbele.
Ababoshiwe uthe bazovela enkantolo yaseMlaza namhlanje. Amaphoyisa uthe asasiqaphile isimo kule ndawo.
UMnuz Musawakhe Mayisela uthe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube ukhathazekile ngokucekelwa phansi kwengqalasizinda uma kunemibhikisho.
“Udlame ngeke lusiyise ndawo. Kucekelwa phansi ingqalasizinda yomphakathi, eyakhiwe ngemali.”