KUBOSHWE abaholi abaqavile be-IFP ngezinsolo zokuzama ukubulala nokulimaza ngemuva kwesigameko sokudubula nokushaya okulimale kuso izingane zesikole namalungu omphakathi.
Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu ngesikhathi abaholi be-IFP betholana phezulu namalungu omphakathi abemashela izidingo zentuthuko kuMasipala waseVryheid ebaQulusini.
Uthuli lwezichwe luqale ngemuva kokuthi umphakathi waseBhekuzulu umashele kwamasipala uyofuna incazelo ngezikhalo owaziletha phambilini okubalwa ukucishwa kukagesi namanzi nokunye.
Le mashi obekungeyomphakathi kuthiwa ibiholwa ngabaholi asebaxoshwa ku-IFP okubalwa kubo uMnuz Smanga Zwane noMnuz Politiki Mtshali.
“Abaholi be-IFP kuzwelonke banele bezwa ngale mashi yomphakathi, nabo bahlela eyabo ebibizwa ngokuthi eyokukhononda ngemizamo ye-ANC yokuthatha omasipala beNkatha ngopotsho. Sishayelwe ucingo kwathiwa asiye khona. Mina ngivele ngazihlalela ekhaya ngoba bengibona ukuthi sizohlekwa ngabantu kuthiwe nayi Inkatha imashelana yodwa ngoba phela le mashi ibiholwa abaholi bethu baseBhekuzulu be-IFP. Okubi sishayelwe ucingo ngisho ngothisha balezi zikole zabelungu okufunda kuzo izingane zethu sebethukile bethi asizilande ngoba i-IFP ishaya izingane zesikole ivimba nezimoto bayazidubula,” kusho omunye umholi we-IFP obekhathazekile ongazange alubhade emashini.
OMUNYE wabafundi olimale emashini ebingoLwesihlanu eVryheid kanti i-ANC ne-IFP basolana bodwa ngalokhu
Imashi yobuholi be-IFP yona kuthiwa ibiholwa nguMnuz Blessed Gwala noMnuz Nhlanhla Msimango.
UMsimango ushaqekile ebuzwa ngokwenzekile wathi akazi lutho. UGwala ucingo ubeluvalile.
Kule mashi obesekubhekene kuyo ngeziqu zamehlo abe-IFP nomphakathi, kuchithwe imigqomo kadoti kujikijelwa namatshe. Ezinye izingane zesikole zilimale kabi.
NgoLwesihlanu lishone sekusabalale ukuthi kushone izingane zesikole ezintathu ezidutshulwe kule mashi.
Nokho okhulumela amaPhoyisa esiFundazweni, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe akekho oshonile kodwa kube necala lokuzama ukubulala nokulimaza.
“NgoLwesihlanu kuboshwe abantu abahlanu ngokususa udlame emphakathini kodwa badedelwa ngesexwayiso. NgoMgqibelo kunabaholi abazinikele emaphoyiseni ngamacala okuzama ukubulala nokulimaza nesibhamu esisetshenziswe kudutshulwa. Bazovela namhlanje ngoMsombuluko eNkantolo yaseVryheid,” kusho uZwane.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bathukile ngalokhu kodwa bebengakabikelwa ngabafundi abalimele. Uthe bayakugxeka okwenzekile kodwa bazolandelela.
Abalimele baphuthunyiswe eGreys Hospital.
Okhulumela i-ANC, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe bayethuka ukuthi abaholi abaqavile emphakathini bahlasele abantu baze babalimaza ngoba bevimba ilungelo lokuba bamashe ngokukhululeka.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthe imashi babefake isicelo sayo kodwa ngoLwesihlanu baphazanyiswa i-ANC ebibahlasela.
“I-ANC iphazamise ilungelo lethu lokumasha baze balimaza izingane zesikole nokuyinto esiyigxeka kakhulu. Okunye siyazi ukuthi i-ANC inesabelo sika-R6 million sokugwazela abanye abaholi ukuze bathathe omasipala bethu. Abanye abaholi bakwenzile ebaQulusini baze baboshwa oKlebe begwazela ikhansela le-DA,” kusho uHlengwa.
Kwenzeka lokhu nje uhulumeni wesifundazwe uhlele umkhuleko eMondlo kusasa.