KUBOSHWE abangani abasolwa ngokuphanga basoconge umnikazi wesitolo ona-74 eHolmbosch Farm, KwaDukuza.
UNhlanhla Mhlongo (22) noSakhile Cele (25) baboshwe abaseshi besekubhaceni eDoringkop ngeSonto base bevela eNkantolo yeMantshi KwaDukuza ngoLwesibili.
Bagqunywe ezitokisini njengoba kulindeleke babuyele kule nkantolo ngoFebhuwari 23.
Kusolakala ukuthi ngoFebhuwari 6, abasolwa bahlasele uMnuz Goberdhan Sahadew (74) kwakhe. Kusolwa ukuthi bamvalela endlini, bamshaya, bamklinya base bemgwaza inxeba elilodwa esifubeni.
Kuvela nokuthi bashaya bachitha ngemoto kamufi eyayisigcekeni bebaleka namaselula, isibhamu, imali nezinye izimpahla zakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe imoto yatholwa ishiywe dengwande budebuduze nendawo yesehlakalo.
UCol Mbele uthe amakhasimende kamufi abona igazi egcekeni abe esebikela amaphoyisa.
“Uphenyo lwamaphoyisa ilona oluwathathe lawabeka eDoringkop kwaboshwa abasolwa abese becashe khona,” kusho uCol Mbele.
Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Thulani Gonya uncome umsebenzi wamaphoyisa abophe laba basolwa.
UGonya ukugcizelele ukuthi amaphoyisa azoqhubeka nomsebenzi wawo wokubopha izephulamthetho zigcine ziphonswe ejele.
Khonamanjalo; kuboshwe amadoda amabili erenki yamatekisi eMargate abekwa icala lokudayisa izidakamizwa.
UMsizi Mbhele (25) noThabiso Mvundla baboshwe ngoMsombuluko amaphoyisa abezulazula eqaphe ubugebengu. Babekwe icala lokutholakala nangokuhweba ngezidakamizwa.
Bavele eNkantolo yeMantshi eRamsgate ngoLwesibili icala labo lahlehliselwa uMashi 28 nonyaka