SEKUBOSHWE abantu ababili ngokubulawa komgadli weKaizer Chiefs, uLucky Maselesele.
UMaselesele ubulawe ngesonto elidlule yiqulu labantu ebelikade limsola ngokweba amakhebuli.
“Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, iqulu labantu labaleka kodwa akwazi ukubamba ababili. Amaphoyisa athole ukuthi umufi ubesolwa wumphakathi ngokweba amakhebuli endaweni. Utholwe eseshonile ngabosizo oluphuthumayo. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka,” kusho uLt-Col Mavela Masondo obekhuluma neCity Press.
IKaizer Chiefs idlulise amazwi enduduzo emuva kokushona kwalo mgadli obeseneminyaka ewu-41.
“IKaizer Chiefs iphatheke kabi ngokushona komunye wabadlali baseNingizimu Afrika akade benethalente, uLucky Maselesele. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe kulesi sikhathi esinzima. Alale ngokuthula,” kusho isitatimende seChiefs.
UMaselesele wayedlalela iKaizer Chiefs phakathi kuka-1998 no-2004 ngesikhathi leli qembu liwina izicoco.
Wagcina ukudlala ngo-2008 emuva kokutholakala kwezidakamizwa egazini lakhe ngesikhathi edlalela iMaritzburg United. Amakhokho wawabeka emgibeni ngo-2011 emuva kokudlalela iCivics FC yaseNamibia.