KUBOSHWE amadoda amabili asolwa ngecala lokubulala indoda eneminyaka engu-33 eSundumbili, ngoSepthemba nyakenye.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa ahoshe umkhondo ngendawo obekubhace kuyo umsolwa oyedwa noneminyaka engu-29. Kuthiwa amfice efulethini elikuVictoria Embankment, eThekwini.
Lo msolwa ubanjwe nezimpahla okusolwa ukuthi uzintshontshile nokubalwa ilaptop, ama-USB, amakhadi angu-18 asezitolo zezimpahla zokugqoka nawasemabhange ayisikhombisa, amakhadi ayisihlanu okuhola imali yesibonelelo sikahulumeni kwaSassa, izitatimende zemiholo (payslips), amaphasiphothi nomazisi babantu abehlukene.
Omunye umsolwa oneminyaka engu-43, nothinteka kuleli cala kubikwa ukuthi ubanjwe ngamaphoyisa eSundumbili. Laba basolwa abebefunwa ngamaphoyisa kusukela ngoSepthemba wonyaka odlule, kubikwa ukuthi badubula uMnuz Andile Sabelo Dakane (33) emgwaqweni uSomuhle, eSundumbili. Umufi owadubuleka esiswini kuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela kodwa wafike washonela khona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala , uthe: ”Abasolwa ababili bavulelwe icala lokubulala nelokutholakala nezimpahla okusolwa ukuthi zintshontshiwe. Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi KwaDukuza ngoMsombuluko,” kusho uCapt Gwala.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Khombinkosi Jula uncome umbutho wamaphoyisa ngokusebenza ngokuzikhandla ukuze kuboshwe abasolwa
“ Ubulingiswa yiyona nto esiyibeka phambili. Kuyasijabulisa ukuthi kubambisane zonke izinhlaka embuthweni wamaphoyisa nezenze isiqiniseko sokuthi kubanjwe izigebengu, okumele zibhekane nomthetho. Siyathemba ukuthi umndeni usuzokhululeka udlule kulobu buhlungu obhekene nabo njengoba izinswelaboya sezivalelwe,” kubeka uLt General Jula.