BAKHALELWE amasongo kaSigonyela ababili ababekwe icala lokukhwabanisela inkampani yomshwalense uR6.5 million.
Owesilisa (33), ongumsolwa wokuqala, nowesifazane (45), ongumsolwa wesibili, baboshwe ngoKlebe bagingqiswa izithupha babekwa icala.
Laba ababili badedeliwe kodwa bakhishelwa incwadi ebabizela eNkantolo yesiFunda eThekwini ngoJulayi 5 nonyaka.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe kusolakala ukuthi le ndoda yathatha i-life cover kwenye yezinkampani zomshwalense ngoFebhuwari 2020.
UMhlongo uthi emuva kwezinyanga ezintathu kwafika owesifazane ona-45 enkampanini yomshwalense ehambise amaphepha ethi ayisekho emhlabeni indoda eyathatha umshwalense. Lona wesifazane wayekade ebhalwe njengokunguyena ozothola imali uma eshona.
“Inkampani yabona ukuthi kukhona okunuka santungwana esicelweni sikamsolwa yase iqala uphenyo lwayo,” kusho uMhlongo.
Uthe ophenyweni kwatholakala ukuthi umsolwa wokuqala usadla anhlamvana, kwabe sekuvulwa icala lokukhwabanisa esiteshini samaphoyisa saseBerea.
UMhlongo udalule ukuthi isiteshi sibe sesidlulisela koKlebe eThekwini idokodo ukuze kube yibona abaqhubeka nophenyo olugcine lugojela abasolwa.
UMhlongo uthe abasolwa banikwe amasamanisi ngoLwesibili ababizela enkantolo ngoJulayi 5.