UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, uthi babili abantu asebeboshiwe KwaZulu-Natal babekwa amacala okuzama ukubulala mayelana nokubhebhethekisa igciwane iCorona.
Esithangamini nabezindaba ePitoli izolo, uCele uthe akusiyo inganekwane uma bethi bazobathathela izinyathelo labo abaphula imigomo ebekwe nguhulumeni njengoba sebeqalile ukubopha.
“KwaZulu-Natal babili abantu esesibabeke amacala okuzama ukubulala ngokuhamba yize kade beyalelwe ukuthi bangakwenzi lokho, amaphoyisa azoqinisa isandla ebantwini abaphula umthetho obekiwe,” kusho uCele.
Uthe bayakuzwa futhi ukukhuluma okungekuhle emphakathini, abantu bekhala ngokuthi bayahlukunyezwa njengoba beyalelwa ukuthi bahlale emakhaya.
UCele uxwayise ngokuthi njengamaphoyisa bebambisene nombutho wezokuvikela kuleli, bakulungele ukuthi benze isiqiniseko sokuthi yonke imiyalelo ekhishiwe iyalandelwa.
“Ukunganyakazi kwabantu besuka emakhaya kuzokwenziwa isiqiniseko sokuthi kuyenzeka, uma utholakala uphula umthetho uzowukhomba umuzi onotshwala, kuxwayisa uCele.
UNgqongqoshe wezokuVikela kuleli, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe okwabo akukona ukujezisa abantu kodwa ukubavikela nokulawula ukuhamba kwabo.
UNkk Mapisa-Nqakula uthe okwamanje awekho amasosha asatshaliwe, wengeza ngokuthi izithombe nama-video okusatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana kungamampunge. Unxuse umphakathi ukuba upheze ukwenza lo mkhuba wokusabalalisa izindaba ezingesilo iqiniso. Uthe izinhlelo zokutshalwa kwamasosha kuzomenyezelwa kusasa (namhlanje) nguMengameli Cyril Ramaphosa.
“Okwethu sizohlinzeka ngezempilo, siphinde siqaphe izindawo lapho izindawo okuzohlolelwa khona labo okusolakala ukuthi bahaqwe yigciwane, sizophinde sisize nakwizivimbamgwaqo,’’ kusho uNkk Mapisa-Nqakula.
Uthe amachweba asevaliwe, wengeza ngokuthi amasosha azokwenza isiqiniseko sokuthi akwenzeki lutho kuwona.
UNgqongqoshe wezaseKhaya kuleli, uDkt Aaron Motsoaledi, uthe yonke imingcele isivaliwe, wengeza ngokuthi isivulelwe kuphela ukuthi ihambe amaloli aletha impahla.
Uthe akekho umuntu ozovunyelwa ukuthi ahambe emingceleni njengoba kuzobe sekuqale ukuvalwa kwezwe thaqa izinsuku ezingu-21.
UMotsoaledi uthe ukushaywa kwezitifiketi zokushona kuzoqhubeka njengendlela eyejwayelekile.
“Asifuni ukuthi kubekhona ukuphazamiseka abantwini abazobe befihla izihlobo zabo ngalesi sikhathi sezinsuku ezingu-21 kodwa ukushaywa kwezitifiketi zokuzalwa, ezomshado nama-ID, amasha nezimvumo zokuphuma kuleli kumisiwe,” kusho uMotsoaledi.
Uthe kodwa abantu bazonikwa izitifiketi nomazisi besikhashana labo abalahlekelwe abafuna ukwenza izinto eziphuthumayo.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuleli, uDkt Nkosanza Dlamini-Zuma, uthe imilindelo ayidingeki ngalesi sikhathi.