UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele uthi amaphoyisa asebophe abasolwa ababalelwa ku-237 ngamacala okubanjwa kwezimoto zemali kuleli kusukela ngo-Ephreli kuya kuNovemba nonyaka.
Uthe zibalelwa ku-118 izigameko zokubanjwa kwezimoto ezithutha imali ezenzeke ngesikhathi esifanayo, okuyisibalo esehlile uma siqhathaniswa nesangonyaka odlule (184).
UCele ubekhuluma nabezindaba ngoLwesibili ngemizamo eyenziwa amaphoyisa yokwehlisa ukubanjwa inkunzi kwezimoto ezithwala imali.
“Lokhu kuchaza ukuthi sizehlise ngo-37% izigameko zokubanjwa kwenkunzi izimoto ezithwala imali. Siqaphile nokuthi sikhulile isibalo sabantu ababoshiwe uma siqhathanisa nonyaka odlule. Njengamanje sekuboshwe abawu-237, kwatholwa izimoto eziwu-92, izibhamu eziwu-78 kanye nemali,” kusho yena.
Uthe abantu abaningi baboshwe eGauteng naseNorth West. Bangaphezulu kuka 30 ababoshelwe eMidrand, Katlehong, Brits naseMahikeng emasontweni ayisithupha edlule.
Kulaba ababoshiwe kukhona nephoyisa laseBrits elisesikhundleni esiphezulu.
UCele ubonge nethimba lamaphoyisa elenze umsebenzi oncomekaya libopha abasolwa ngokubulala ummeli waseKapa obulewe ngeledlule, u-Adv Pete Mihalik, nabasolwa ngokubulala amalungu omndeni (7) wakwaKhoza eVlakfontein.