ASALE ebambe ongezansi amalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal kubizwa uMengameli Cyril Ramaphosa ngonodoli, ngesikhathi kuhleli isiShayamthetho izolo.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuqhubeka inkulumo-mpikiswano ngenkulumo eyethulwa uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, iState of the Province Address, ayethule ngoLwesihlanu.
USomlomo waKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce, useyalele ukuba kuphenywe ukuthi umlisa ongaziwa, ukwaze kanjani ukufohla, aphazamise le nkulumo-mpikiswano.
Ngesikhathi ilungu le-ANC, uMnuz Siboniso Duma, likhuluma, liphazanyiswe umlisa ovele wakhwela wadilika kuRamaphosa.
Akucaci ukuthi lo mlisa ukwaze kanjani ukuba ingxenye yale nkulumo, njengoba kungamalungu esiShayamthetho kuphela akwazi ukuphawula uma kuqhubeka ukuhlala kwesiShayamthetho.
Njengoba kule zinsuku kunemigomo yokulwa nobhubhane iCorona, amalungu angaphansi kuka-50 aba sesiShayamthetho, bese kuthi amanye abe yingxenye yokuhlala kwesiShayamthetho, esebenzisa ezokuxhumana.
Lo mlisa uvele wafohla kwezokuxhumana, wasola uRamaphosa ngokuba unodoli wosomabhizinisi abamhlophe.
“Njengoba sikhuluma njengamanje, uphansi phezulu wakha umbimbi neDA. Ayikho indaba yaloyo, ungunodoli wongxiwa.”
UNksz Boyce uyalele uMabhalane wesiShayamthetho, uNksz Nerusha Naidoo, ukuba aqale uphenyo lokuthi lo mlisa ukwaze kanjani ukungena kule nkulumompikiswano?
“Ngithanda ukuxolisa kunina nonke kanye nabo bonke abantu baKwaZulu-Natal. Sizolubheka lolu daba bese sibuya nombiko ophelele,” kusho uNksz Boyce.
Ekhuluma ngenkulumo ethulwe undunankulu, amaqembu ezepolitiki aphikisayo, athe inkulumo kaZikalala ayizange ilibuyise ithemba.
La maqembu athe akukho okusha akushilo uZikalala ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngoLwesihlanu.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe akukho okutheni enkulumeni kaZikalala, okucacisa ngokuthi zizotakulwa kanjani izimboni ezikhahlanyezwe ubhubhane iCorona.
I-DA ne-EFF, ifakele uZikalala ingcindezi yokuthi aqoke ngokushesha uNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi.
Lo mnyango usuhlale isikhathi esingaphezu kwenyanga ungenaye ungqongqoshe kulandela ukushona kukaMnuz Bheki Ntuli, obengungqongqoshe walo mnyango.
Selokhu kwashona uNtuli, uNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mshengu, uncelisa amawele njengoba ebambe okwesikhashana njengongqongqoshe walo mnyango.
Umholi weDA esiShayamthetho, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe kufanele kuqokwe ungqongqoshe omusha walo mnyango ngokushesha ukuze ezobhekana nezinga eliphezulu lobugebengu kanye nodlame lwamatekisi.
“Le mpi ndunakulu angeke uyinqobe ngongqongqoshe obambe okwesikhashana. Lesi akusona isikhathi sezimpi zangaphakathi kwi-ANC. Kufanele aqokwe ngokushesha ungqongqoshe.”
Umholi we-EFF esiShayamthetho, uMnuz Vusi Khoza, uthe ukungaqokwa kukangqongqoshe omusha kukhombisa ukuthi uZikalala akazimisele ngokulwa nobugebengu.
Ephendula, uZikalala usole amaqembu aphikisayo ngokugxeka noma singekho isidingo.
Akazange ayiphendule eyokuqokwa kukangqongqoshe.