AZOPHELA amahlathi kulabo abathenga ama-learners nezincwadi zokushayela emuva kokwethulwa kohlelo oluzokwaziwa ngokuthi yi e-driver oluzolwa nenkohlakalo nobugebengu.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli esikhungweni esihlolela ukushayela eRossburgh, eThekwini, ngoLwesibili ekuseni.
Okunye okuhloswe ngalolu hlelo lobuchwepheshe besimanje, ukuphucula futhi kusheshiswe indlela okusetshenzwa ngayo uma kwenziwa umsebenzi ezikhungweni ezihlolela ukushayela.
“Indlela entsha yokusebenza ikwazi ukuthatha isithombe sakho ungena esikhungweni, futhi kusetshenziswa amanyela eminwe uma ubhalisa. Ihlukile kwendala ngokuthi yonke into isebenzisa ubuchwepheshe besimanje. Njalo uma uza esikhungweni izovela njengoba injalo imininingwane yakho ngisho nokuthi ububhalise kwenye indawo. Futhi uma uhlolelwa ukushayela imoto, amakhamera akuthatha ungena kuyona ahambe nawe indlela yonke uze uqede ukuhlolwa. Abantu abangalokothi bathathe amashansi ngoba bazolala bebaliwe,” kusho uNtuli.
UNtuli uthe ilesi sifundazwe esisebenzisa lobu buchwepheshe abahlose ngabo ukuqinisa ezokuphepha emigwaqweni futhi baqede inkohlakalo yokudayiswa kwezincwadi zokushayela.
Kuzobashubela nababhalela abanye ama-learners ngoba amakhompyutha obhala ngawo asuke anekhamera, ekwazi ukuveza osuke ebhala nakho konke okumzungezile.
“Ngaphambi kokubhala i-learners umshini uthatha amanyela eminwe aveza konke ngawe. Sikwazi nokukubamba uma ubhalela abantu abahlukahlukene noma ngabe usiza obhalayo.”
Nakuba lwethulwe ngokusemthethweni izolo lolu hlelo kodwa kodwa bese luqalile ukusebenza njengoba kukhona abagqigqa izinkantolo ngamacala ehlukene omgunyathi wokudayiswa kwezincwadi zokushayela.
Izolo kube nezivimbamgwaqo ezahlukene nalapho kube khona nabashayeli ababoshwayo ngamacala ehlukene.
UNtuli uthe alufakwa KwaZulu-Natal ngalama holidi kaKhisimusi kangangoba bafuna wonke umuntu ozothi uma engena emgwaqweni avukelwe unembeza, akhumbule ukuthi akusiniswa mahleza.
Umxhumanisi enhlanganweni yezikole ezifundisa ukushayela iKZN Ubumbano Driving Schools Operators Association, uMnuz Mzwandile Zondi, uthe bayalweseka uhlelo olusha ngoba luzolwa nenkohlakalo.
UZondi uthe bekubalimaza ukuthengwa kwezincwadi ebhizinisini ngoba abantu bebengasezi ukuzofundiswa ukushayela imoto, bencamela ukuzithenga.
“Bekusilambisa ukuthengwa kwezincwadi. Lokhu bekwenza singakwazi ukuholela abasebenzi bethu futhi kwandisa nezingozi emgwaqweni ngoba lowo osuke eshayela usuke engadlulanga esandleni sethu, samfundisa ukushayela. Sibonga ungqongqoshe ngoba uyasifaka ezinhlelweni azenzayo,” kusho uZondi.
Usihlalo weSantaco KwaZulu-Natal uMnuz Boy Zondi, uthe nabo bayalweseka uhlelo olusha ngoba luzosiza ukunciphisa izingozi zomgwaqo nenkohlakalo.