KUBHUNTSHE umngcwabo abamakhaza begoloza nesidumbu befuna imali okuthiwa bebengavumelananga ngayo nomndeni kamufi.
Umndeni wakwaMohlakwana eMzongwane, eMatatiele, ukhala ezimathonsi ngezindleko othi ufakwe kuzo yinkampani yabangcwabi iHambakahle Funeral Parlour ekwaV eMlaza, kulandela ukunqaba nesidumbu sikaNksz Buhle Mohlakwana (35) okuthiwa ushonele esibhedlela iKing George eThekwini ngesonto eledlule.
Isidumbu bekulindeleke ukuthi sifike eMatatiele ngoLwesihlanu. Kuthiwa bese kwenziwe zonke izinhlelo zokuthi afihlwe ngoMgqibelo.
UNkk Mavundle Khoza waseMatatiele ethintwa yiSolezwe uthe bezwe ubuhlungu obukhulu ngesikhathi bethintwa ngocingo wudadewabo kamufi uNksz Busisiwe Mohlakwana, ebazisa ukuthi abamakhaza abebeke kuwo udadewabo, bayanqaba nesidumbu.
“Sihlale kwaze kwasa silindile ukuthi isidumbu kuzothiwa siyeza, hleze abamakhaza bashintshe umqondo kodwa lutho. Omakhelwane abebezosikhalisa kudingeke ukuthi babuyele emakhaya. Sifile ngezindleko esingene kuzo kulungiselelwa umngcwabo ebesazi ukuthi uzoba ngoMgqibelo,” kusho uNkk Khoza.
UNksz Mohlakwana uthe usola ambize ngomnikazi wenkampani yabangcwabi uMnuz Ndabezinhle Manzi ngokubalutha ethi uzobagcinela isidumbu emakhazeni ngemali encane okuthe uma sebesayinile washayela ucingo amalungu omndeni wafuna imali enkulu.
“Ngesikhathi ngithola ucingo lokuthi udadewethu ushonile, ngiphuthume esibhedlela. Osebenza emakhazeni kahulumeni othe ungowakwaKhanyile, usitshele ukuthi kubiza kakhulu ukugcina umuntu emakhazeni kahulumeni ngakho kungakuhle sithole awethu amakhaza lapha sizomgcina khona,” kusho uNksz Mohlakwana.
Uthe bacele umsebenzi ukuthi abaxhumanise nenkampani yabangcwabi engabasiza njengoba bengenayo imali eyisamba yokukhokhela amakhaza, wabe esebaxhumanisa noManzi.
Uthe ufike kubo wathembisa ukuthi uzobenzela konke bese bona bemkhokhela imali abanayo ngohlelo lwesitolimende.
Uveze ukuthi bavumelane ngoR11 000 kuhlanganisa ibhokisi nemali yokuhambisa isidumbu eMatatiele.
“Sekumele kuthathwe isidumbu, uManzi ufune uR17 000, wasinqabela nokuthi sibone isidumbu ethi sikhona emakhazeni kodwa sizosibona uma sesikhokhile.”
Kuthintwa uManzi, uthe umndeni yiwona ozikhethele uhlobo lokungcwaba olubiza uR17 000.
“Bakhethe ibhokisi oluwuhlobo olubizayo ngoba udadewabo kamufi ubethenjiswe abaqashi bakhe ukuthi bazomnika imali enguR10 000. Uthe omunye uR10 000 uzowuthola kusonhlalakahle obelandela udaba lokugula kukamufi,” kusho uManzi.
Ukhale ngezindleko athe ungene kuzo eya ezihlotsheni zikamufi, ehla enyuka ngemoto yomsebenzi eyobanxusa ukuthi bakhokhe ngenxa yokuthi bebengasamthinti kwaze kwaphela izinsuku ezintathu kungaxhunyanwa.
Emuva kokungenelela kweSolezwe namaphoyisa asesiteshini saseMlaza umndeni ogcine ubike kuwo, uManzi uthe bavumelene nomndeni ngokuthi isidumbu uzosihambisa namuhla.
UNksz Mohlokwana ukuqinisekisile ukuthi bavumelene noManzi, ngokukhokha imali enguR7 500.
Uthe babikele amaphoyisa aseMlaza agcine esebaphelezela ukuyoxoxa noManzi.