KUBHUNTSHE ukuqala kokuqulwa kwecala lokusocongwa kwephoyisa loMkhandlu weTheku, uConstable Zwelakhe Thomas Ntombela, ngenxa yokuthi indodana yommeli wenkabi, uKhulani Cele ovele ungaphakathi ibandakanyeke engozini yemoto.
Lokhu kuvele izolo enkantolo enkulu eThekwini.
Umufi wadutshulwa wabulawa ngabantu abangaziwa, esigamekweni esenzeka esemzini wakhe okwa-S, eMlaza eningizimu yeTheku.
Waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers okuyilapho okwafike kwamenela khona. Ngokuhamba kwesikhathi kwaboshwa inkabi uMzo Ntombela, eyageqa amagula itshela inkantolo ukuthi yayithunywe ngumkamufi, owayesebenza enkantolo yeMantshi yaseMlaza, uFaith Nongcebo Ntombela.
Ngemuva kokuba seyigwetshiwe inkabi yabe isikhalelwa ngamasongo kaSigonyela kwaboshwa noFaith kanye nothishanhloko wasesikoleni saKwaMaphumulo, iMpumulwane Primary, uMnuz Sithembiso Khumalo.
Kwavela negama lenkabi eyesatshwayo engeyaKwaMaphumulo,uKhulani Cele, ovele usejele, ukuthi naye wabamba iqhaza elikhulu ekubulaweni kukamufi, ummeli wakhe yilo indodana yakhe okuthiwa ibandakanyeke engozini yemoto.
Izolo bekulindeleke ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala njengoba sekusele uthishanhloko uKhumalo nenkabi uCele. Enkantolo kuvele ukuthi kusazobuye kuvele ukuthi leli cala liqhubeka nini kodwa kuncike ekutheni ummeli wenkabi angakwazi nini ukuza enkantolo.
Kubhuntsha nje ukuqala kokuqulwa kwalo bekugcwele enkantolo njengenjwayelo.
Phambilini uFaith wagqigqa enkantolo yaseMlaza neyaseThekwini kwaze kwafika isigaba lapho agonyuluka khona evuma icala lokubandakanyeka ekubulaweni kukaNtombela.
Waveza ukuthi walingwa yinkabi uCele lwagcina luvutha amalangabi uthando phakathi kwabo bobabili.
Ngaleso sikhathi uthi wayezitshela ukuthi uthandana nomunye wabaholi be-ANC kanti akunjalo.
Wathi batholana nenkabi ezinkundleni zokuxhumana.
UFaith inkantolo eNkulu yaseThekwini yamgixabeza ngesigwebo sikadilikajele,yamgixabeza ngeminyaka emihlanu ngecala lokuhlela ukubulala, neminye emihlanu ngecala lokweba isibhamu somyeni wakhe nonyaka owodwa ngecala lokunikezela ngolwazi olungamanga emaphoyiseni.
Umfowabo kamufi, uMnuz Nkosinathi Ntombela uthe sebejahile ukuthi liqale ukuqulwa icala ukuze noKhumalo athole isigwebo esimfanele.