BABALELWA kwabayishumi abantu okuthiwa babhubhe ngesikhathi kugingqika ibhasi emgwaqweni uN3 ngaseTugela River namuhla.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo kwaNetcare 911 uMnuz Shawn Herbst, uthe yize imininingwane ngale ngozi ingakapheleli ngenxa yokuthi basesendaweni yesigameko kodwa okwamanje babalelwa kwabayishumi abantu abashonile.
Uthe namuhla ngabo 11:43 babizelwe endaweni yesigameko ekuN3 ohlangothini olubheke eGoli.
“Imibiko esiyithole endaweni yesehlo iveza ukuthi ibhasi belihamba ohlangothini olungasenyakatho ngesikhathi umshayeli ehluleka ukulilawula. Ibhasi ibe isishayisa izinsimbi zomgwaqo yayowelela ohlangothini olungaseningizimu yomgwaqo. Ibhasi kuthiwa ligingqikile abanye abagibeli libachitha ngesikhathi ligingqika. Kuthiwa lize lama endaweni eyisikhotha eseduze komgwaqo uN3. UHerbst uthe ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo bathole okungenani abantu abangu 50 belimele.
“Okwamanje sazi ukuthi balishumi abantu abashonile.”
Uthe imininingwane isengashitsha njengoba besesendaweni yesehlo beqoqa imininingwane.