ESINYE sezikole ezikhahlanyezwe yizulu KwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
ZILINGANISELWA ku-68 izikole ezikhahlanyelwe umoya obuvunguza ngamandla KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvele izolo, ngesikhathi uMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ekhipha umbiko wakamuva ngomonakalo odalwe umoya kanjalo neqhwa esifundazweni.
Uthe okwamanje abekho okubikwa ukuthi bashonile.
ESINYE sezikole ezikhahlanyezwe yisimo sezulu esibi KwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
“Imibiko esisayitholile iveza ukuthi ziwu-68 izikole ezikhahlamezekile ezifundeni eziyisishiyagalolunye KwaZulu-Natal. Umonakalo omkhulu ubikwe esifundeni Ugu, lapho okukhahlamezeke khona izikole ezingu-38,” kusho uButhelezi.
Uthe nabafundi abane basesikoleni esisesifundeni Ugu, balimale ngesikhathi kuphephuka uphahla lwesikole ngoLwesibili, bayalulama, wathi nakuba umonakalo ubikwe ezindaweni ezehlukene zesifundazwe kodwa isifunda Ugu yisona esikhahlamezeke kakhulu kunezinye.
“Ingaphezu kuka-80 imizi ekhahlamezekile ngesikhathi umoya onamandla uphephula izindlu zabantu komasipala abehlukene,” kusho uButhelezi.
Uveze nokuthi amathimba abo alibangise KwaMpumuza ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi, eMgungundlovu, lapho okukhahlamezeke khona imizi engu-31.
Imigwaqo ebivaliwe uN2 noR56, ngaseningizimu yesifundazwe, uthe isivuliwe, imiphakathi isizokwazi ukuthi iyisebenzise.
“Lonke iqhwa ebelisemigwaqweni ehlukene, selisuswe lonke,” kusho uButhelezi.
Maqondana nogesi, uthe amathimba ezinhlekelele asaqhubeka nokuhlola umonakalo odalwe isimo sezulu esibi ezinsukwini ezimbili ezedlule, ngesikhathi beqhubeka nomsebenzi wokulungisa umonakalo odalekile.
Uthe ngokubambisana ne-Eskom, sebewubuyisile ugesi ezindaweni eziningi, wathi amathimba akwa-Eskom asaqhubeka nokuwubuyisa ezindaweni obungakabuyi kuzo.
“Nakuba usubuyisiwe ezindaweni ezehlukene kodwa ukuqhubeka kwesimo sezulu esibi kanjalo nobuningi bomonakalo odalekile, okufaka phakathi ukungafinyeleleki kahle ezindaweni ezehlukene, yikho okunqinde ukuthi ugesi ungalungiswa ngokushesha,” kusho uButhelezi.
Uthe bayabuqonda ubunzima obubhekene nalabo abakhahlamezekile, wathembisa ukuthi bazosibuyisela kwesejwayelekile isimo ngokushesha.
Uthe njengoba engakapheli amakhaza ezindaweni eziningi, banxusa izakhamuzi ukuthi ziphephe uma ziphemba imililo zizama ukuzifudumeza, bese ziqinisekisa ukuthi ziyazilandela izexwayiso zesimo sezulu.
Related Topics: