KUVALWE ngehlahla kubhubha amalungu omndeni waseMlaza ayisikhombisa, abebuya emngcwabeni eMandeni ngoMgqibelo.
Engozini eyenzeke emgwaqweni uN2, kushayisane iHilux neToyota Etios kuyo obekunomndeni wakwaNtshingila. Kuthiwa umndeni ububuya ukuyongcwaba ekhweni. Kwabashonile kubalwa uMnuz Siyabonga Khangelani Ntshingila (33) okuthiwa ubephelezelwe eyongcwaba ekhweni. Ushone nendodana yakhe uSphelele (2). Kushone nonina uNkk Ntombifikile Angel Ntshingila iminyaka yakhe engatholakalanga, uNksz Sithembile Ntshingila (30), uNksz Samkelisiwe Ntshingila (27), uMnuz Luyanda Ntshingila (35) noNksz Londiwe Ntshingila.
UMnuz Bongani Ntshingila okhulumela umndeni uthe abashonile bebehambe ngemoto eyodwa bephelezele uSiyabonga obeyongcwaba ekhweni.
“Nathi sizwe sesishayelwa ucingo ntambama sitshelwa ukuthi behlelwe yingozi sebebuya emngcwabeni. Kumanje sisadidekile kodwa sinesiqiniseko sokuthi kuzomele bangcwatshwe ndawonye ngoba umndeni owodwa. Kumanje siphuma emakhazeni eMandeni ukuyokhomba izidumbu. Balimele kakhulu ezinye izicubu zabo bezicoshwa phansi,” kusho uNtshingila.
Ngokwesitatimende sabezimo eziphuthumayo i-IPSS Medical Rescue, kuthiwa izimoto ezimbili zishayisane mahlanze kwashona abayisikhombisa endaweni yesigameko. Kuthiwa ingozi yenzeke ngasebhulohweni lasoThukela. Abezimo eziphuthumayo iPhilamed Ambulance Services abafike endaweni yesigameko, bathe izidumbu bezisakazeke emgwaqweni.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uMnuz Mluleki Mntungwa uthe bajube ithimba elizophenya ngengozi, lixhumane nemindeni.
Kwenye ingozi eyenzeke ngoMgqibelo kushone owesilisa oneminyaka engu-47 oshayiswe imoto kuN3 ngaseMkondeni eMgungundlovu.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo kwa-ER24 uNksz Ineke van Huyssteen, uthe bafike owesilisa ephakathi nomgwaqo eseshonile.