KUMINZE abane ngesikhathi iveni iFord Ranger imuka emfuleni iNadi eMsinga ngoLwesibili. Kushone othisha nabasebenzi basesikoleni iBizimali High Isithombe: COGTA
SISHIYE kukhalwa isiphepho esinamandla ebesihambisana nezikhukhula, okushone kuso abane okubalwa othisha nabasebenzi esikoleni sodumo lokukhiqiza imiphumela emihle ka-matric iBizimali High, eNkandla.

Isichotho esihambisana nemvula enamandla sihlasele ezindaweni eziningi maphakathi nesifundazwe okubalwa eMsinga, eMooi River, eMuden, eNotthingham nakwezinye.

Abane baminze emfuleni iNadi (eMsinga) kade bezama ukuwela ngemoto abebehamba ngayo iFord Ranger.

Ngokuthola kweSolezwe kule ngozi kushone othisha uNkk Sisanda Zondi (21) uMnuz Sthe Ntuli (33) nobehlanza isikole uNksz Dubazile Mdletshe (44) nomshayeli wemoto uMnuz Mthobisi Zondo (40) kuthiwa nguyena umnikazi wendawo okuhlala kuyo abafundi balesi sikole.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngo-4.30 ntambama ngoLwesibili bephuma esikoleni. Kuthiwa umfula ubungenisa ebhulohweni laseMsinga.

Ngokuthola kweSolezwe ngemibiko engakaqinisekiswa, ezinye izimoto bezimile zisaba ukuwela ngoba kubonakala amanzi enamandla, imoto ebihamba laba abane kuthiwa izamile ukuwela babe sebemuka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe amadokodo amane okushona kwabantu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uMnuz Sihle Mlotshwa uthe badumele kakhulu ngokuvula izikole ngezindaba ezimbi zokushona kothisha.

UBE mkhulu umonakalo kuhlasela isichotho eMuden ngaphandle kwaseGreytown. Lapha sishaye amawindi nezindlu

“ Ukushona kwabasebenzi baso lesi sikole nakho kusidumazile njengoba nabo benesandla ekulekeleleni othisha abakwazile ukufundisa izingane zenza kahle emiphumeleni yonyaka. Lesi sikole singezinye esenza kahle eKZN, uNgqongqoshe uMnuz Mthandeni Dlungwane ufisa ukudlulisa amazwi enduduzo kubafundi nakothisha,” kusho uMlotshwa.

UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neZindaba zoMdabu eKZN uNkk Nomusa Dube-Ncube udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonile wathi sebethumele ithimba lezinhlekelele ukubheka lesi simo.

EMuden nabo bebekhala esifanayo njengoba kulimale izindlu, emasimini nemfuyo. Imizamo yeSolezwe yokuthola abomndeni yabashonile ayizange iphumelele njengoba izinombolo zabo zingatholakalanga. Nemizamo yokuthola ubuholi besikole ayiphumelelanga.