Izindaba

Kubhubhe abathathu kweyeloli nemoto encane kuN2 eMatigulu

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kufe abathathu kwalimala kabi ababili kweyeloli nemoto encane kuN2 eMatigulu

Image: IPSS MEDICAL RESCUE

NgoMgqibelo ekuseni, i-IPSS Medical Rescue kanye noMnyango wezeMlilo waseMandeni babizelwe engozini ephakathi kweloli nemoto encane eyenzeke u-N2 eduze nomfula iMatigulu.

Ngesikhathi befika kutholwe abantu abathathu abebesemotweni encane beshonile ngenxa yokulimala. Omunye obesemotweni uthole ukulimala kanzima, omunye ubesesimweni esibucayi futhi evaleleke kanzima kule ngozi. Ngesikhathi kusahlengwa olimele kuqapheleke ukuthi iloli elibandakanyeke engozini ngelamafutha ngakhoke bekungaphephile ukusebenza kuyo. Kudingeke ukuba kusale abosizo lokuqala kuphela umgwaqo wonke uvalwe. U-N2 uvaliwe, abezicishamlilo basebenze kwanzima ukutakala obevaleleke emotweni.

Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.