KUBHUBHE abantu abangu-11, ezingozini zomgwaqo ezimbili ezahlukene ezibandakanya amatekisi ezenzeke KwaZulu-Natal izolo ekuseni nangoMgqibelo ebusuku.
Siye koshicilela kubikwa ukuthi bawu-6 abashone engozini eyenzeke KwaNyuswa izolo emuva kokuthi itekisi abebehamba ngalo iya ePinetown iphonseka eweni ngaKwaNgcolosi.
KuN2 kushone abasebenzi abahlanu bakaMasipala waseJozini ngesikhathi itekisi abebehamba ngalo bephuma ukuyodlala eMtuba lishayiswa yiloli.
Ingozi yakwaNyuswa yenzeke ngabo-8 izolo ekuseni, ngo-1 emini abezimo eziphuthumayo bebetakula izidumbu zabashonile besiza nabalimele.
Abantu baKwaNyuswa bagcwale endaweni yesigameko izolo emini.
Ilungu lomphakathi waKwaNyuswa elicele ukuthi lingadalulwa elizifikele mathupha endaweni yesehlakalo lithe bekunzima ukutakula abashonile nabalimele ngenxa yobubi bewa okuphonseke kulo itekisi.
Lithe itekisi belisuka KwaNyuswa liya ePinetown ngesikhathi kwenzeka ingozi.
“Leli tekisi liphume ngaKwaNgcolosi ngenxa yokuthi ku-Old Main Road bekukhona umjaho wamabhayisikili amaShovashova, sizwa kuthiwa itekisi liphelelwe ngamabhuleki laphonseka eweni, umshayeli walo yena usindile,” kusho leli lungu lomphakathi.
Engozini eyehle kuN2, iMeya kaMasipala waseJozini, uMnuz Delani Mabika, ithe bashayeke ingozi engeqiwa ntwala ngokushona kwabasebenzi babo abahlanu.
UMabika uthe abasebenzi bebephuma ukuyomela umasipala emdlalweni obuseMtuba ngesikhathi kwehla ingozi.
“Cabanga bebewinile sebebuyela emuva ngesikhathi itekisi abebehamba ngayo ishayiswa iloli kuN2, umshayeli wetekisi yomkhandlu uzamile ukuyivika ingozi, ngeshwa yangavikeka, abebekhona etekisini abasindile bathi iloli langena phambi kwetekisi lingakhombisana,” kusho uMabika.
Uthe abasebenzi abahlanu bashonele endaweni yesigameko kwathi abawu-7 baphuthunyiswa esibhedlela.
“Abasebenzi abayisikhombisa abalimele sekuyoba ngozi makhaza,” kusho uMabika.
Uthe umshayeli weloli oshayise itekisi lomkhandlu ubalekile.
“Imimoya yethu iyothola ukuphumula uma umshayeli weloli ezoziyisa emaphoyiseni,” kusho uMabika.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe itekisi ebihamba ngogwaqo uCetshwayo KwaNgcolosi iphonseke eweni emuva kokuthi umshayeli ehlulekile ukuyilawula.
Uthe abantu abawu-6 bashonele khona lapho.
Uthe amaphoyisa aseHillcrest aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.
Nengozi eyenzeke kuN2, uCaptain Gwala ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokubulala ngokungenhloso eliphenywa ngamaphoyisa aKwaMsane.
Uthe imbangela yengozi yakuN2 ibingakaziwa.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli ushaqekile ngezingozi ezehle eKZN ezidlule nemiphefumulo engu-11.