ABAMANGALELWA ecaleni lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, oMnuz Sibonelo Myeza, Mbulelo Mpofana, Mlungisi Ncalane noSibusiso Ncengwa Isithombe: SABELO NSELE
Image: Sigciniwe
SIBHEKWE ngabomvu isigwebo esizogixabezwa inkabi egonyuluke ngokusoconga owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa.
Umndeni kaMagaqa uthe ufuna ukuthi athole isigwebo esiqinile umsolwa wesine ecaleni, uSibusiso Ncengwa.
UNcengwa uzovela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngoMsombuluko, lapho ezogwetshwa khona.
UNcengwa waqale waliphika icala lokubulawa kukaMagaqa.
Mumva nje uNcengwa ushaye ungqimphothwe, walivuma leli cala elenzeka ngo-2017.
Njengamanje icala likaNcengwa selihlukanisiwe nelabanye abasolwa bona abasaqhubekayo nokuliphika.
Umfowabo kaMagaqa, uMnuz Lwazi Magaqa, uthe bafisa ukuthi uNcengwa anikezwe isigwebo esimfanele.
"Uma ngikhuluma ngesigwebo esimfanele siyazi ukuthi lapha eNingizimu Afrika umuntu olahlwa yicala lokubulala ugwetshwa udilikajele. Uzivumele yena icala ngakho ke sifisa ukuthi inkantolo imnikeze isigwebo esifanele."
ULwazi uthe noma uNcengwa engathola isigwebo esikhulu kangakanani lokho ngeke kuzipholise izilonda ezisabhibhayo emndenini ngokusocongwa kukaMagaqa.
"Bukhulu ubuhlungu esibuzwile siwumndeni. Impilo ngeke iphinde ifane noma inkantolo ingenzani. Noma ngabe yisiphi isigwebo azosithola ngeke simbuyise umfowethu."
UNcengwa uvele udonsa isigwebo seminyaka engu-95 ngaphakathi ejele, walahlwa yicala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
UMagaqa wayeyikhansela kuMasipala waseMzimkhulu ngesikhathi esocongwa.
Kuthiwa wabulawelwa ukukhononda ngenkohlakalo eyayenzeka kulo mkhandlu.
Ekuvumeni kwakhe icala, uNcengwa waninda abanye abasolwa kanye nabantu abangaboshiwe kuleli cala okukhona kubo nabantu ababephethe izikhundla ezibalulekile kuMasipala waseMzimkhulu nowesifunda iHarry Gwala ngesikhathi kusocongwa uMagaqa.
Ngesikhathi egonyuluka uNcengwa waveza ukuthi bahlukaniselana u-R120 000 emva kokusoconga uMagaqa.
UNcengwa wathi wabuye wathola ngokuhamba kwesikhathi ukuthi washaywa emva kwendlebe ozakwabo njengoba abuye wathola ukuthi empeleni imali ababeyikhokhelwe ngokubulala uMagaqa kwakungu-R600 000.
Kuleli cala uNcengwa uboshwe noMnuz Sibonelo Myeza, Mbulelo Mpofana, noMlungisi Ncalane.
UNcalane kwatholakala ukuthi akakulungele ukubhekana necala ngenxa yokuphazamiseka emqondweni.
UMyeza noMpofana bona bayaqhubeka nokuphika icala kanti icala labo lizoqulwa ngo-Okthoba.
Related Topics: