Izindaba

Kubhekwe inzuzo engaphezu kwaR600 million ngeComrades Marathon

Simangaliso Ntshangase|Published

Uhulumeni waseKZN ubheke amakhulu ezigidi zamaRandi nge-comrades marathon

Image: Comrades Marathon/Facebook

KULINDELEKE ukuthi kungene inzuzo yemali engaphezu kukaR600 million emnothweni wesifundazwe iKwaZulu-Natal ngale mpelasonto ngenxa yomqhudelwano waminyaka yonke iComrades Marathon, ezosuka eMgungundlovu iphothulwe eThekwini, ngeSonto.

Lokho kudalulwe wuMnuz Sibusiso Gumbi, isikhulu esiphezulu esibambile ophikweni lwezokuvakasha nezamafilimu, iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority.

Uthe isasasa lakulo nyaka, okufakazelwa wukugcwala kwamahhotela aseThekwini nawaseMgungundlovu, kwenza bakholelwe ekutheni nonyaka bazodlula kuR600 millilon wenzuzo abayenze nyakenye, futhi okunye okuhle wukuthi kuzohlomula nenqwaba ngenxa yamathuba emisebenzi awu-18 000 adalekile.

“Lo mjaho uletha izivakashi eziningi esifundazweni sethu cishe ukwedlula yonke eminye imiqhudelwano yezemidlalo esinayo endaweni yethu. Nathi senze konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi izivakashi zethu zizojabula futhi zihlabeke umxhwele ngale mpelasonto ngezinto ezehlukene zobumnandi, amabhishi ethu asezingeni elifanele, futhi sihlome ngezindawo ezehlukene zokuzijabulisa,” kusho uGumbi.

Imenenja jikelele yeComrades Marathon Association, uMnuz Alain Dalais, ithe balindele ukuthi umqhudelwano wanonyaka ube sezingeni eliphezulu kakhulu kunokujwayekile njengoba kungokokuqala ukuthi uma lo mjaho wehlela eThekwini ungenelwe ngabagijimi abangaphezu kuka-20 000. Nonyaka kungenele abagijimi abangu-22 677. Isibalo esikhulu esike sabakhona uma kwehliwa kwaba wu-19 047 ngo-2018.

Nonyaka lo mjaho udonse iso labagijimi abawu-3 063 basemazweni ehlukene.

“Silindele ukuthi laba bagijimi bakwamanye amazwe beze namalungu emindeni yabo alinganiselwa ku-3 000 ukuzobeseka, bese futhi kuba nabantu abawu-6 000 abazobuka umjaho,” usho kanje.

Kuzobe kubekwe iziteshi eziwu-47 zokuthiba iphango endleleni ukusiza abagijimi ukuthi bangabulawa yinkemane nokoma. Okunye okwehlukile nonyaka wukuthi umjaho uzoqala ngezigaba ezimbili; ingxenye yabagijimi bokuqala izoqala ngo-5.45, bese abanye belandela ngo-6 ekuseni ukuqikelela ukuphepha nokugwema ukuminyana nokunyathelana ngoba abagijmi bazobe bebaningi kakhulu, ekubeni endleni kunemigwaqo elungiswayo.

Abadle umhlanganiso nyakenye kwabesilisa nabesifane oPiet Wiersma waseNetherlands noGerda Steyn bazobe bekhona nakulokhu, kanti abanye aseke badla umhlanganiso abazobe bencintisana nakulokhu woTete Dijana, Edward Mothibi no-Alexandra Morozova waseRussia.

Nosaziwayo bamelelekile njengoba kuzobe kukhona usomahlaya futhi ongumethuli wezinhlelo zethelevishini uSchalk Bezuidenhout ozobe egijima okokuqala kulo mqhudelwano. Umculi wekwaito, uKabelo Mabalane, uzobe egijima ihlandla lika-13 nonyaka.