BALAHLWE elakubo abasebenzi abathathu baseShoprite KwaMashu ababingelele iMantshi yaseNtuzuma izolo emuva kokuboshelwa ukuqola amakhasimende esitolo ushintshi.
Isolezwe lithole ukuthi abamangalelwa abathathu, abangakadalulwa amagama okwamanje, baboshwe ngoLwesihlanu kulandela uphenyo olunzulu olwenziwe abakwaShoprite emuva kokuthola izikhalo ngabo.
Kuvela ukuthi abamangalelwa bebengayibuyisi imali ephelele uma umuntu ethenga kulesi sitolo kanti kokunye kuthiwa bebeshaya impahla engekho ukuze bakwazi ukuthatha imali yabathengi abangawanaki amarisidi.
Isolezwe lithole ukuthi abantu bayakhala nangokukhishwa kwemali abasuke beyifakele izihlobo zabo eShoprite kwazise kwesinye isikhathi imali ikhishwa ngabanye abantu izihlobo zisale zincela izithupha.
UCaptain Nqobile Gwala, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe abantu abathathu ababhekene namacala okweba.
“Singakuqinisekisa ukuthi amaphoyisa aKwaMashu aphenya amacala amathathu okweba emuva kokuboshwa kwabantu abasolwa ngokuqola imali lapho bebesebenza khona. Namhlanje (izolo) abamangalelwa babingelele iMantshi yaseNtuzuma lapho bebeyovela khona okokuqala ngamacala ababhekene nawo. Asazi ukuthi kuqhubekeni enkantolo kwazise idokodo alikabuyiswa.” kusho uCaptain Gwala.
Abophiko lwezokuxhumana kwaShoprite bathe abakwazi ukuphawula ngodaba lokuboshwa kwabasebenzi besitolo sabo esiKwaMashu ngoba lusaphenywa amaphoyisa.
“Sizodedela amaphoyisa aqhube uphenyo lwawo nomthetho usebenze. Asikwazi ukuphawula.”
Bacele amakhasimende abo ukuthi athinte izimenenja zezitolo uma kukhona anganeme ngakho ukuze kusheshe kulungiswe noma bathinte abalesi sitolo ku-0800-01-07-09.
Mayelana nokukhishwa kwemali esuke ifakwe eMoney Market ngabantu abangafanele, bathe lolu hlelo lokuthunyelwa kwemali balwenza besebenzisana neStandard Bank ukuze abantu abangenawo ama-akhawunti bathole imali.
Baveze ukuthi amanye amakhasimende awaqapheli uma efaka imali kangangokuthi amanye athemba abantu abangafanele abagcina bentshontsha imali yawo.
“Umuntu osuke ethumela imali ufaka izinombolo ezaziwa uyena. Kubalulekile ukuthi azigade lezi zinombolo angaziniki abanye abantu ukuze imali ifinyelele kumuntu ofanele. Sicela amakhasimende aqolwe imali yawo avule icala emaphoyiseni ukuze kuphenye amaphoyisa, thina neStandard Bank. Kubalulekile ukwenza lokhu ukuze kuboshwe abaqola abantu.” kusho abakwaShoprite.