LWABELWE uR11 billion uhlelo lokuqasha abantu abasha abangasebenzi, olungaphansi kukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kudalulwe izolo nguNgqongqoshe ehhovisi likamengameli, uMnuz Mondli Gungubele, esithangamini sabezindaba lapho ebechaza ngohlelo lwesibili lukamengameli lokwakha amathuba emisebenzi. Olokuqala lwamenyezelwa nguRamaphosa ngo-Okthoba nyakenye, lwakha imisebenzi engaphezu kuka-550 000.
UGungubele uthe ezinye izinhlelo zisaqhubeka kanto ohlelweni lokuqala bangu-320 000, abasizi bothisha abaqashwa ezikoleni. “Ohlelweni lwesibili lwabasiza ezikoleni sihlele ukuqasha abasha abangu-287 000, luzoqala ukusebenza ngoNovemba. Ukungasebenzi yiyona nselelo enkulu esibhekene nayo kanti nomengameli uyajabula ukuthi uhlelo lokuqala akuzange kube nazinsolo zenkohlakalo kulona.”
Lolu hlelo lwezikole lwanconywa njengoba izinyunyana zothisha nezinye izinhlaka zahlaba ikhwelo lokuthi lubuye ngoba lwehlisa umthwalo kothisha. Bangaphezulu kuka-900 000 abasha okuthiwa bafake izicelo zokuqashwa ngaphansi kwalolu hlelo, olukuzoba khona kuzona zonke izikole ezingaphezu kuka-22 000. Nohlelo lwesibili lwezikole luzoqasha abaningi.
UGungubele uqhube wathi ohlelweni lokuqala ingu-11 iminyango eyayiyingxenye yalo kepha olwamanje ingu-15 ezoba yingxenye.
UNgqongqoshe wezabaSebenzi uMnuz Thulas Nxesi, uthe ingxenye yemisebenzi ezokwakhiwa izogxila kubantu abasha. Wathi u-1.84% wabazoqashwa baneminyaka engaphansi kuka-35.
Wanxusa abasha ukuthi bafake the izicelo kwi:SAYouth.mobi, kanti akuyidli i-data. Eminye yemisebenzi etholwe ngabantu abasha kubalwa ukuhlanzwa kwemigwaqo okuqashwe abalelwa ku-10 000; ukuxhaswa kwamaciko emikhakheni ehlukene. Kanti ohlelweni lwesibili kuzoqeqeshwa abangu-3 000 abaneziqu ezizosiza ezikhungweni zemfundo, ukuze baqasheke kusetshenziswana nomnyango wemfundo ephakeme.