KUNZIMA ukwamukela ukuthi usuhlehlele usuku olungaziwa umshado abesewulinde iminyaka engu-15, owesifazane waseThekwini osekuphazamiseke izinhlelo ngenxa yeCoronavirus.
Ubelubheke ngabomvu usuku lomshado wakhe ngo-Ephreli 25 uNksz Sthe Ngubo, osethandane iminyaka engu-15 noMnuz Sibusiso Nhlane waseMpumalanga. Ngesikhathi isimo siqala ukushuba ngenxa yokunyuka kwesibalo sabahaqwe yiCorona, bahlele ukuthi basheshe babhale eMnyangweni wezaseKhaya, bangaze bavaleleke. Nokho sekubhuntshe nosuku lokubhala abebeluhlelele le mpelasonto njengoba uNhlane esezovaleleka eMpumangala izinsuku ezingu-21.
“Besizoshada umshado omhlophe kuphela, osekuphoqeleke ukuthi sihoxise izimemo. Ngisaba nokuthi ngokwesintu kuthiwa umshado awuhlehliswa noma kushoniwe kodwa akukho okunye ebesingakwenza,” kusho yena.
UNksz Mabusi Msomi ubezoshada ngo-Ephreli 12 eMpangeni, naye sekumele awuhlehlisele usuku angalwazi umshado. Ubezokwenza nowesintu, asetshelwe ukuthi inkosi yesizwe isimise yonke imicimbi.
“Bese ngikhokhele zonke izinto ngaqeda. Ngesikhathi kuthiwa akuncishiswe isibalo emicimbini, besicabanga ukuthi umshado usazoqhubeka. Abantu sibatshela ukuthi umshado uhlehlile ngoba asazi isimo sizoba njani emuva kuka-Ephreli 16,” echaza.
Akuyona imishado kuphela ehlehlile kodwa neminye imicimbi yesintu. UMnuz Sduduzo Khuzwayo oyikhansela lika-ward 108 eNanda, ushintshe izinhlelo isigubhukane. Bekumele ingoduso yakhe ilethe umbondo ngoMgqibelo. Uthe bebecabanga ukuthi usazoqhubeka ngempelasonto.
“Sizwe isimemezelo sokuvalwa kwezwe saphuthuma satshela izimenywa ukuthi umcimbi usuzoba kusasa (namuhla). Bekungeke kulunge lo mcimbi uhlehle ngoba bese kuthengwe yonke impahla,” kusho uKhuzwayo. Oyisazi samasiko uMnuz Madoda Zungu, uthe yize kungahlehliswa noma yikanjani imicimbi yesintu ngenxa yokuhlonipha abaphansi, isimo siyaphoqa.
KUHLEHLE umshado obuyiphupho leminyaka engu-15 kuNksz Sthe Ngubo noMnuz Sbusiso Nhlane, okuphoqwe wukubhebhetheka kweCoronavirus Isithombe: SITHUNYELWE
“Amadlozi kuthiwa ayizithutha, yingakho kumele kushwelezwe uma sekunesimo esiphoqa ukuhlehlisa umshado neminye imicimbi. Kuya ngomndeni ukuthi ukholelwa kukuphi. Kungashwelezwa ngokushisa impepho emsamo noma ngesilwane. Umshado uyahlehliswa kuphela uma owesifazane ebengakakhishwa ekhaya ngesilwane kodwa kubalulekile ukushweleza,” kusho uZungu.