KUBE wusuku olumuncu izolo ezisebenzini ezingu-621 zakwaSABC njengoba bezigcina emsebenzini.
I-SABC idilize abasebenzi ngoba izama ukonga imali kwazise yathi eningi isebenza ukuholela abasebenzi.
Le nhlangano ithe abasebenzi abangu-346 bakhethe ukuthi bangazifaki izicelo zomsebenzi ezikhona ngaphakathi kunalokho bathathe imali yabo bahambe. Abangu-275 babo imisebenzi yabo kuqediwe ngayo futhi ababanga nayo inhlanhla yokuqashwa kwezinye izikhala.
NgoLwesibili ebusuku bekuvalelisa umfundi wezindaba, uNoxolo Grootboom, ofunde okokugcina ezesiXhosa ngo-7 ebusuku kuSABC 1.
Utuswe nawuMengameli Cyril Ramaphosa ohlehlise inkulumo yakhe ebhekiswe esizweni ebizoba ngo-7 kodwa yaze yaqala ngo-7.30.
Omunye umfundi wezindaba obegcina izolo nguThabile Mbhele, obefunda izindaba zesiZulu kuSABC 1.
"Lolu suku bekumele kube ngolokugcina lwekhefu lokuyoteta kodwa lungolokugcina ngisebenza njengentatheli. Kuphelile ngathi abangaphezu kuka-600 abadiliziwe eSABC. Uma ngibheka emuva, ngibe nezikhathi eziningi ezimnandi kunezimbi. Bengiwuthanda umsebenzi wami, ngabika ngezindaba ezishaqisayo nezishintshe impilo yabantu. Ngihlangane nabantu abamangalisayo, abangeseke njalo. Ngiyabonga kakhulu. Ubuntu mabande," kusho uThabile ekhasini lakhe leFacebook.
Abanye okuvele ukuthi bayahamba nguThembeka Zondo Cele woKhozi FM obengumdidiyeli wezinhlelo zezenkolo futhi ethula nezemingcwabo nomdidiyeli wemidlalo yomoya, uMpumi Ngidi. Izembe liphinde lagawula nomdidiyeli womculo odlala emoyeni, uKhetha Gwala.
Abantu bakhombise ukuzwelana okukhulu nabasebenzi abaphelelwe ngumsebenzi.
Umfundi wezindaba zeSABC, uDesiree Chauke, wehluleke nawukulufunda udaba oluthinta ukudilizwa kozakwabo, wakhala wacela kuyiwe ekhefini.
Usaziwayo, uBonang Matheba, uthe iSABC idlale indima enkulu kulo muntu anguye futhi kubuhlungu ukubona kuphela imisebenzi.