AMAPHAPHU aphezulu kwizakhamizi zaseNingizimu Afrika ngesishingishane esihlasele emazwe angomakhelwane nokulindeleke ukuthi singenele nakuleli. Isishingishane u-Eloise kulindeleke ukuthi sihlasele ezinye zezingxenye zezindawo esifundazweni eMpumalanga, Limpopo nezingxenye ezithile KwaZulu-Natal kusasa. Ezinkundleni zokuxhumana sekuvele sezisabalele izithombe zomonakalo osewudaleke eMozambique.
Ukuhlasela kwalesi sishingishane kusho nokwanda komonakalo eBeira lapho sishaye khona kwazwela. Kuqagulwa neNingizimu Afrika nje sekukhona nabakuleli esebeqale ukusabalalisa izithombe emakhasini ahlukene kuFacebook bekhala ngovalo ngalesi sishingishane, nezingaqinisekisiwe izithombe zabo noma zithathwe namhlanje.
Esinye sezithombe sifakwe ngezithuba zehora lesithathu ntambama umnikazi waso eveza ukuthi useThohoyandou seziqalile izimvula ezinamandla kule ndawo.
Abesimo sezulu kuleli balokhu bexwayise njalo izakhamizi nokulindeleke ukuthi izindawo ezisenyakatho mpumalanga nesifundazwe zithinteke kulesi sishingishane esizohambisana nezikhukhula kusukela namhlanje nakusasa kwezinye izingxenye zezwe.