KUBANJWE umoya ngebamba-bukhosi elithunjwe ngamadoda abezenza amaphoyisa ngoMsombuluko ebusuku.
Izolo, lize lashona ungakatholakali umkhondo wamadoda athumbe Inkosi Makhosandile Ngcobo, weQiniselani MaNyuswa, eZinqoleni.
Izinduna zakule ndawo zithi azazi ukuthi zizophuma zibheke ngaphi njengoba ungatholakali umkhondo wabathumbi.
UNgcobo uthunjwa nje, ubesanda kusinda etulweni lokusocongwa ngonyaka owedlule, lapho adubuleka khona walimala.
Ichaza indodana kaNgcobo, uMnuz Mqondisi Ngcobo, ithe kugasele amadoda abefake umfaniswano wamaphoyisa, nafike agqekeza isango.
"Sithe uma sithi siyobheka ukuthi obani laba abagqekeza isango, babe sebesikhomba ngezibhamu. Basiyalela ukuba sibakhombise lapho kukhona uNdabezitha (inkosi). Nebala sibakhombisile.
"Bafike basibopha ngezintambo, basiphuca namaselula. Bathathe nezinto ebezisesisefweni sikaNdabezitha, imali nezibhamu, base beshaya bechitha naye."
UMqondisi uthe umndeni uthukile kakhulu ngalesi sigameko.
"Yonke into yenzeke bukhoma kukhona nabesifazane nezingane, nabo bebeboshiwe."
Enye yezinduna ecele ukuba igama layo lingadalulwa, ithe namanje basakhungathekile ukuthi bazophuma babheke ngaphi.
"Njengamanje siqalaza izintaba, asazi kufanele sibheke ngaphi ngoba abantu abenze le nto kabaziwa."
Le nduna ithe lesi sigameko sibathusile kakhulu ikakhulukazi njengoba uNgcobo esanda kusinda etulweni lokumsoconga.
"Inkinga ukuthi le nto ihamba phansi. Zonke izinto zenzeka ebusuku, nokwenza kube nzima ukuyithola."
Abantu bakule ndawo bathe sebethuka izanya njengoba kungacaci ukuthi uNgcobo uthunjelweni.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, usehlabe ikhwelo lokuba labo abathumbe uNgcobo, bambuyise ephila.
UMnuz Hlomuka uzwakalise ukukhathazeka ngalesi sigameko, wanxusa amalungu omphakathi ukuba eze nolwazi olungasiza ekutholakaleni kukaNgcobo.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal usanda kumemezela ukusungulwa kwekomiti elizophenya ngokusocongwa kwamakhosi nezinduna esifundazweni.
Lesi sinqumo esamenyezelwa nguNdunankulu, uMnuz Sihle Zikalala, ngenkathi ethula inkulumo yesifundazwe ngoFebhuwari, seza emva kokwanda kwezigameko zokusocongwa kwamakhosi nezinduna KwaZulu-Natal.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe baphenya icala lokuthumba.