INYUNYANA yabahlengikazi, iDenosa KwaZulu-Natal, ithi isibhedlela okusebenza kuso onesi abasolwa ngokuntshontsha i-credit card yesiguli kumele siphenywe ukuthi sizigcina kanjani izimpahla zeziguli.
UMnuz Mandla Shabangu, unobhala wale nyunyana, usho kanje ngemuva kokuboshwa konesi ababili abasolwa ngokweba ikhadi lesiguli bathenga ngalo.
Amaphoyisa athi omunye walabo nesi usebenza eSt Augustine (40) omunye usebenza esibhedella esizimele eMhlanga (45).
Umsolwa osebenza eSt Augustine, uvezwe yikhamera entshontsha leli khadi futhi elisebenzisa ngaphakathi esibhedlela, owesibili ikhadi lithokale kuye.
UShabangu uthe ngokwazi kwakhe izimpahla ezibalulekile zesiguli zigcinwa endaweni engathintwa yibo bonke abasebenzi kanti kumele kuphenywe ukuthi unesi (waseSt Augustine) ufinyelele kanjani kuleyo ndawo.
"Lokho akusho ukuthi sithi kuhle okwenziwe yilabo nesi, kumele bajeziswe uma kutholakala ukuthi banecala. Inkinga yobusela inkinga esibhekene nayo emphakathini, akuyona into eyenzeka ezibhedlela kuphela. Sengathi kungaba nohlelo lokuhlola ukuthi umuntu ofuna ukuba unesi ungumuntu onjani ukuze kuvikelwe iningi labantu abangcolisa lo mkhakha abangene kuwo bengenalo ubizo nothando lwabantu," kusho yena.
Uthe okwamanje akazi ukuthi laba onesi bangamalungu eDenosa noma cha kodwa inyunyana imele abasebenzi emsebenzini, hhayi ecaleni lobugebengu.
Imenenja yaseSt Augustine, uMnuz Heinrich Venter, uthe bajabule kakhulu ngokuboshwa kukanesi osebenza kulesi sibhedlela ngoba bekubakhathaza ukuthi kwebiwa i-credit card yesiguli yize ezokuphepha ziqinile kulesi sibhedlela.
Uthe leli khadi lebiwa nyakenye usuzophela. Amaphoyisa athi leli khadi kwaqala ukuthengwa ngalo isiguli sisalele esibhedlela noma sesishonile laqhubeka lasetshenziswa.
"Amaphoyisa sawanikeza izithombe ezithathwa yikhamera engaphakathi esibhedlela okuholele ekutheni kubonakale unesi,“ kusho yena.
Uthe unesi wesibili okuthiwa usebenza eNetcare eMhlanga, esibhedlela sakhona kasimazi.
"Ukuboshwa kwalo nesi kuzoba yisibonelo sokuthi lesi sibhedlela akusona esokwenza ubugebengu,“ kusho yena.
Isitatimende samaphoyisa sithi inombolo eyimfihlo ye-credit card yesiguli yayigcinwe kwiselula etholakale esitolo esithenga siphinde sidayise izimpahla ezingamasekeni ePhoyinti, ikhadi litholakale kumsolwa wesibili.
Bobabili kuvela ukuthi abaqali ukuboshelwa inkohlakalo nokweba.