Omama abakhulisa izingane ngabodwana
Image: sigciniwe
KUKHONJWA ngenjumbane uhulumeni ngesibalo esiphezulu sezingane ezikhuliswa ngomama bebodwa kuleli. Lokhu kuvele embikweni weStats SA kuleli sonto, oveze ukuthi u-45.5% wezingane kuleli ukhuliswa abesifazane bebodwa.
Kulezi zibalo kuvela nokuthi iMpumalanga yisona sifundazwe esinesibalo esiphezulu sezingane ezihlala nonina kuphela ngo-53.3%, kulandele iKwaZulu-Natal ngo-51.7%, endaweni yesithathu kune-Northern Cape ngo-49.2%.
Ziphinde ziveze nokuthi iKZN iyona enesibalo esiphezulu sezingane ezihlala noyise ngo-5.7%, kulandele iFree State ne-Gauteng ngo-4.6%.
Okunye okuvelile ngukuthi iWestern Cape iyona enesibalo esiphezulu sezingane ezihlala nabo bobabili abazali bazo ngo-50.1%, kulandele iGauteng ngo-44.6% neFree State ngo-34.4%..
Lezi zibalo ziphinde ziveze ukuthi e-Eastern Cape u-32.1% wezingane azihlali nabo bobabili abazali, kulandele iKZN ngo-23.7% kuze iLimpopo ngo-21.4%.
Isazi samasiko nezesintu, uSolwazi Velaphi Mkhize, sithe kuningi kakhulu okungaba yimbangela yalokhu - kodwa sabhekisa umunwe ezinhlakeni ezahlukene kuhulumeni, sizisola ngokuthi size sifika lapho esikhona manje nje, okuningi kwezinto ezonakele, koniwe yizinqumo nemithetho okushaywa yizona.
“Uhulumeni wethu awukaze waba nohlelo oluqondile lokuthi kuzophilwa kanjani ngendlela ezokwenza ukuthi kungabi bikho ozibona engcono kunomunye kwabesilisa nabesifazane. Ukulahleka kwemithetho yesintu eyayikwazi ukuqoqa nokukhulisa umuntu ngendlela efanele, ngenye into eyenza ukuthi kube njena, ngoba umuntu nomuntu wenza noma yini okuthi akayenze ngesikhathi afisa ngaso. Sekushintshane omengameli bezwe baze baba bahlanu manje kodwa akekho noyedwa kubona engingamkhomba ngithi kukhona okubonakalayo akwenzile ukuthi izwe libuyele endleleni okwakuphilwa ngayo kudala ukulungisa izinto,” kusho uMkhize.
Umholi womphakathi futhi owumfundisi, uMbhishophi Bhekani Mthembu, uthe okunye ngukuthi abantu besilisa abanayo indlela nezinkundla abangakhalela kuzona uma kukhona okubahluphayo, ekubeni abesifazane kusheshe kuzwakale kalula okwabo uma kukhona okubahluphayo.
“Lokho ngikusho ngoba sekukaningi ngikhuluma futhi ngeluleka amadoda akubeka ngokusobala ukuthi azizwa ecindezelekile futhi abona kungenamuntu onendaba nokuzwa ukuthi yini ewahluphayo. Kudingeka ukuthi uhulumeni angenelele ngoba yiqiniso elingephikwe ukuthi abantu bakholelwa kakhulu entweni abayizwa kuhulumeni."
Uthe okunye ngukuthi uma kwenzeka izinto zingahambi kahle ebantwini abathandanayo, umthetho uvame ukuvuna noma ubeke phambili abantu besifazane
.UMthembu uthe ngisho ungafunda iBhayibheli noma ulandelele ezenkolo nezesintu uzobona ukuthi kunendlela izinto ezidalwe ukuthi zenziwe ngayo, ngakho ukuguquka kwakho kakhulu manje kungesinye sezizathu ezone izinto.
"Izinto eziningi ziyoqala ukulunga mhla savuma futhi samukele ukuthi nakuba kumele sibhekele ukulingana kwezinye izinto, kodwa iqiniso wukuthi sidalwe wuNkulunkulu sangalingana," kusho uMthembu
Related Topics: