BONISWA MOHALE
INHLANGANO evikela imininingwane yabantu eNingizimu Afrika, i-Information Regulator, iveze ukuthi iyasiseka isinqumo soMnyango wezeMfundo, sokuvikela imininingwane yabafundi bakamatric.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, i-Information Regulator ithi kubalulekile ukuvikelwa kwemininingwane yabo bonke abantu ngisho nabafundi.
Iveze ukuthi uMnyango weMfundo eyisiSekelo wenze kahle ngokuthatha isinqumo sokungayishicileli imiphumela yabafundi emaphephandabeni, nakwezinye izindawo ejwayele ukuphuma kuzo.
“Ngaphambi kokusebenzisa imininingwane yabantu ngendlela ethile kufanele loyo ozoyisebenzisa athole imvume, kubona. Lokhu kubhalwe kwiProtection of Personal Infomration Act (POPIA), okuwumthetho owenzelwe ukuvikela imininingwane yabantu,” kusho i-Information Regulator.
NgoLwesithathu, i-Information Regulator ibe nomhlangano noMnyango weMfundo eyisiSekelo ukubhunga lolu daba. Iwudonse ngendlebe uMnyango weMfundo eyisiSekelo ukuba uqinisekise ukuthi bonke abafundi bakamatric, bayayithola imiphumela yabo ngendlela efanelekile.
Phambilini imiphumela kamatric ibitholakala emaphephandabeni, kumaselula nakwezinye izinkundla zokuxhumana. Kulo nyaka ngeke ishicilelwe ndawo kodwa abafundi bazozilandela yona ezikoleni.
I-Information Regulator ithe abafundi kufanele kube yibona abasayinayo, bavume ukuthi imiphumela yabo ishicilelwe emaphephandabeni nakwezinye izindawo ngoba ngaphandle kwalokho, kuyosho ukuthi abayishicilelayo bayobe bephula umthetho.
Iveze ukuthi uma kushicilelwa imininingwane yomuntu kufanele loyo oyishicilelayo, naye asayine isivumelwano sokuthi uzoyivikela. Iphethe ngokuthi izokuqapha ngeso lokhozi ukukhishwa kwemiphumela kamatric futhi izoqhubeka nokuvikela imininingwane yabantu.