ZIMKHALELE umfundisi waseNkandla ngokubulawa kwamantombazanyana amabili aneminyaka eyisishiyagalolunye asendaweni yaseZimambeni.
Lo mfundisi ongeke adalulwe okwamanje aze avele enkantolo, uboshwe nonina wenye yamantombazane nesihlobo sakhe.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, amaphoyisa athola ucingo kumuntu ongaziwa ngeSonto, ewabikela ngokwakwenzeka emzini othize eZimambeni.
Uthe ngesikhathi efika amaphoyisa ahlangabezana nezimbila zithutha emalungeni omndeni ayefuna aphume aphele futhi ebuza ukuthi abizwe ngubani.
"Emuva kwemibuzo yamalungu emindeni, amaphoyisa azithela esehlakalweni esinyantisa igazi lapho amantombazane amabili ayelele phansi, elimele kabi umzimba wonke. Enye intombazane yayisifile futhi enye isaqulekile. Amaphoyisa akachithanga sikhathi, abiza i-ambulensi endaweni yesigameko."
Uthe abezempilo bathola ukuthi enye intombazane ayisekho emhlabeni kwathi enye yaphuthunyiswa esibhedlela.
"Kwathi uma sekuphenywa amalungu omndeni ngokulimala kwamantombazane, athi ahlaselwe ngamadimoni. Waqhubeka umndeni wathi amantombazane abekhalaza ngemimoya emibi ebiwashaya futhi uwayalela ukuba aphuze igazi."
Eqhuba uColonel Mbhele uthe umndeni nawo ube sewushaya lamantombazane ngenhloso yokuwakhipha le mimoya emibi ebiwahlasela.
"Ngaphambi kokufika kwamaphoyisa, umndeni bewusuke wahambisa intombazane efile enyangeni emuva kokuyishaya. Inyanga ayibange isenza lutho kuyo ngoba beyisivele ishonile, yavele yasibuyisela emuva isidumbu. Emuva kwezinsukwana nentombazane yesibili igcine ishonile esibhedlela ngenxa yokulimala."
UColonel Mbele uthe kube sekuvulwa idokodo ukuze liphenywe ngumseshi. Uthe uphenyo olunzulu lwabaseshi baseNkandla ngokubambisana nemibiko yodokotela kuveze ukuthi ukushona kwalezi zingane kubangelwe ukushaywa kabuhlungu.
"Olunye uphenyo olulandelile ludalule ukuthi nango2015 kunentombazane yakulo mndeni eyafa ngendlela efanayo futhi yangcwatshwa ngakusasa ngaphandle kokuthi umndeni wazise abomthetho. Kunezinsolo zokuthi bekuzokwenziwa okufanayo nakulamantombazanyana ngoba uphenyo luveze ukuthi umndeni bewungakabikeli muntu ngalesi sigameko ngaphandle komfundisi."
Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kukamama womntwana, isihlobo nomfundisi ngamacala amabili okubulala futhi bazovela enkantolo ngoMsombuluko.
"Uphenyo luyaqhubeka futhi abaseshi baseNkandla bazobuye baphenye nangokufa kwalenye intombazane ngo2015," kuphetha uColonel Mbele.