UMENGAMELI Jacob Zuma ngoMgqibelo umemezele ukuthi kuzoba nemfundo yamahhala emanyuvesi nasemakolishi amakhono amaTechnical Vocational Education and Training (TVET) ngonyaka ozayo.
Lesi simemezelo usenze ngaphambi kokuqala kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ye-ANC eNasrec eGoli. Wenza lesi simemezelo nje, amanyuvesi amemezele ukuthi azonyusa imali ngo-8% ngonyaka ozayo.
UZuma wenza lesi simemezelo nje izinhlangano zabafundi nobuholi bentsha bale nhlangano besabisa ngokuthi bazoyinyomfa uma kungukuthi ayiqali le mfundo yamahhala ngonyaka ozayo.
Esitatimendeni uZuma uthe le mfundo izotholwa abafundi abahlwempu.
“Imfundo yamahhala izokwenabela kubona bonke abafundi abahlwempu nabazali babo abasebenza emakolishi nasemanyuvesi kusukela ngonyaka ozayo. Lolu hlelo luzofakwa iminyaka emihlanu ezayo. Abafundi abazali babo abahola ngaphansi kukaR600 000 ngonyaka, ngeke banyuselwe imali yokufunda emanyuvesi ngonyaka ozayo,” kusho uZuma.
Uthe abafundi abazali babo abahola ngaphansi kuka-R350 000 ngonyaka uma kuhlanganiswe umholo wabo, yibona abazoxhaswa njengoba bezongena ngaphansi kohlu lwabafundi abahlwempu.
Imfundo yamahhala izoqala kubafundi abenza unyaka wokuqala.
Uthe labo bafundi asebethole uxhaso esikhwameni sezimali iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), imali yabo izoguqulwa kungabi imali abayibolekile kodwa kube uxhaso.
UZuma uthe kusuka ngonyaka ozayo, kuya eminyakeni ezayo izingane ezinabazali abangasebenzi, abahola imali yesondlo, abasebenzi basezindlini, abasebenza ezimayini nasemapulazini, othisha, onesi, amaphoyisa, abasebenza komasipala bazohlomula.
UZuma umemezele le mfundo ngemuva kokujuba ikhomishini ebiholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi uJonathan Heher ebiphenya ngale mfundo.
Umengameli we-ANC Youth League, uMnuz Collen Maine, usabise ngokuthi noma ngubani ozongena esikhundleni sokuhola i-ANC, bese engaqhubeki nale mfundo yamahhala uzobhekana nolaka lwabantu abasha.
UZuma uthe amanyuvesi azoxhaswa ngo-1% wemali ehambisana nokukhula komnotho iGrowth Domestic Product njengoba kwaphakamisa ikhomishini. Phambili abexhaswa ngo-0.68% weGDP.
Umhlaziyi wezepolitiki waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal uMnuz Lukhona Mnguni, usamukele lesi simemezelo wathi yinto izwe ebelikade liyifuna.
“Isimemezelo esihle lesi akungabhekwa ukuthi usenze nini. Yinto ebivele ifunwa abantu.”
Okhulumela i-DA kwimfundo ephakeme uSolwazi Belinda Bozzoli, uthe lesi simemezelo sikaZuma sizonyusa imali enikwa iNSFAS isuke ku-R11 billion ifinyelele ku-R22 billion.