SISHUBILE isimo eZimbabwe kulandela ukunyuswa kwentengo kaphethroli isuka kuR19.90 ilitha iya kuR45.63.
NgoMsombuluko kuphazamiseke ezokuthutha emadolobheni amabili amakhulu eZimbabwe njengoba amalungu omphakathi abesabhikisha ekhala ngalezi zindaba ezimenyezelwe nguMengameli Emmerson Mnangagwa ngempelasonto.
Amalungu omphakathi ahlala e-Epworth avuke imigwaqo igcwele amathayi, amatshe nezingodo kuvalwe imigwaqo ebheke edolobheni.
“Imigwaqo ivalwe ngamatshe amakhulu, kunabantu ababhikishayo abavimba abantu abazama ukungena emabhasini,” kusho ohlala kule ndawo uMnuz Nhamo Tembo ekhuluma ne-AFP.
KwaBulawayo nakhona abebebhikisha bavale izindlela zokungena edolobheni kanti nezinye izikole bezivaliwe.
“Sifuna uMnangagwa azi ukuthi asineme ngokwehluleka kwakhe. UMugabe wayekhohlakele kodwa wayelalela,” kusho uMnuz Mthandazo Moyo (22).
UMENGAMELI waseZimbabwe uMnuz Emmerson Mnangagwa ongaphansi kwenkulu ingcindezi kulandela ukunyuka kwentengo kaphethroli osekudale ukuthi kube nemibhikisho kwamanye amadolobha akhona Isithombe: AP
Selokhu engenile kwesobumengameli uMnangagwa alukho ushintsho olutheni aseze nalo kwezomnotho eZimbabwe.
Njengoba usunyukile uphethroli kuchaza ukuthi imoto encane njengeKia Picanto, egcwala ngemali elinganiselwa kuR413 eNingizimu Afrika, eZimbabwe igcwala ngoR1 350.
Inyunyana yabasebenzi enkulu kunazo zonke eZimbabwe, iZimbabwe Congress of Trade Unions (ZCTU) ithe uhulumeni uyaqhubeka nokukhombisa ukuthi awuzwelani nabantu abahluphekayo eZimbabwe.
Umholi weqembu eliphikisayo, uMnuz Nelson Chamisa, uthe iZimbabwe isibhekene nenhlekelele.
Kuyimanje abantu baseZimbabwe basuka kwelakubo nezigubhu bazothenga uphethroli eNingizimu Afrika ikakhulukazi labo abahlala eduze komngcele.