KAWUYIZWA eyokugasela kwamaphoyisa ezindaweni ohlala kuzona efuna kuvezwe iziliphu ngempahla esendlini, umphakathi wasehostela laKwaMashu. Lo mphakathi ububuthene enkundleni yezemidlalo emva kwezibhelu zokutatshwa kwempahla ezitolo, okwenzeke ezingxenyeni zaKwaZulu-Natal naseGauteng, ngesonto eledlule.
Lo mhlangano obuhanjelwe wubuholi be-IFP kuzwelonke nasesifundazweni izolo, kuthiwa inhloso yawo bewukubhunga ngodweshu olukhona phakathi kwabamnyama namaNdiya nokunxenxa abantu ukuthi behlise umoya ukugwema ukuchitheka kwegazi kungenasidingo.
Umphakathi obuphume ngezinkani uthe ngeke uvumele amaphoyisa angene ezindlini zawo engaphethe izincwadi eziwagunyaza ukuthi apequlule, bese efuna iziliphu.
Ngesonto eledlule uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthe amaphoyisa azophuma umkhankaso wokungena umuzi nomuzi efuna iziliphu kwabazotholakala nezimpahla ezintsha kodwa umphakathi uthe kuzobe kuwukwephula ilungelo lomuntu.
Likhuluma nomphakathi ikhansela lendawo, uMnuz Sandile Gwala, lithe akulona icala ukuthi amaphoyisa afike ehostela ezosebenza, wathi kodwa ngeke bawavumele ukuthi asebenzise amagunya awo obuphoyisa ukuhlukumeza umphakathi.
“Akulungile ukuthi uma umuntu enamandla amgunyaza ngokomthetho awasebenzise ngendlela engafanele. Uma umuntu egangile kufanele aboshwe kodwa kuhanjiswe ngendlela, kulandelwe imigudu efanele ngoba nephoyisa lingumuntu liyawenza amaphutha,” kusho uGwala.
Uthe amaphoyisa kumele alusukumele udaba lokubulawa kwabantu okuthiwa kwenziwa ngamaNdiya ePhoenix, ukuqinisekisa ukuthi imindeni elahlekelwe iyabuthola ubulungiswa.
UMnuz Thami Ntuli, uSihlalo we-IFP esifundazweni, unxuse umphakathi ukuthi uqinisekise ukuthi usebenzisa amandla evoti ukulwa nokugudluza abaholi abangasawenzi ngendlela umsebenzi, wathi yikhona okuwumsuka wezibhelu ezibonakale ngesonto eledlule.
“Siyazi ukuthi siphila esikhathini esinzima lapho kungekho amathuba omsebenzi nabantu belahlekelwe yithemba ngekusasa, inkohlakalo idla lubi ebantwini abasuke bephathe. Kumele ngabe kukhona abasukumela ukukhathazeka kwenu kodwa ngoba banegunya lokuba kuhulumeni bahudula izinyawo,” kusho uNtuli.
Ubuholi be-IFP budlulele eDuffs Road ukuyokhuluma nomphakathi.