AMALUNGU omndeni weLGBTQI abemasha ezitaladini zaseThekwini izolo, ethi namanje asahlukunyezwa, adlwengulwe noma abulawe ngenxa yokuthi akhethe ukuthandana nobulili obufana nobabo ISITHOMBE:Bongani Mbatha: African News Agency /ANA
ABATHANDANA nabobulili obufana nobabo banxusa uMnyango wezobuLungiswa ukuthi amacala abhekene nababahlukumezile abe sezinkantolo eziseduze kwalapho behlala khona ukuze bakwazi ukwesekana.
Amalungu omndeni eLGBTQI, ehlanganisa zonke izinhlobo zabantu abathandana nobulili obufanayo, amashele eNkantolo yeMantshi eThekwini izolo ekhala ngalokho ngaphambi kokuthi babe nesigcawu sokucobelelana ngolwazi ebesihambisana nokuthi iminyango eyehlukene yethule esikwenzile ngemuva kokuthi bekhale ngokucwaswa ngonyaka odlule.
Imashi nesigcawu sokucobelelana ngolwazi bekuhlelwe yisiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngaphansi kohlelo lwaso lokuhlanganisa imiphakathi.
USomlomo, uNksz Nontembeko Boyce, okunguyena obephethe uhla lwezikhalo zabantu abathandana nabobulili obufana nobabo uthe kubalulekile ukuthi ubulungiswa busondezwe eduze kwabantu abangabagilwa ngoba uma kuthathwa icala elenzeke eMlaza liyiswe enkantolo eseMgungundlovu kwenza ukuthi lowo angabe esakuthola ukwesekwa abezokuthola uma icala belisenkantolo eseduze.
Uthe akukwazi ukuthi kuthiwe iNingizimu Afrika iyisizwe esibumbene kodwa kube kusekhona ukucwaswa kwabantu ngenxa yokuthi bazikhethele ukuthi bafuna ukuthi babe yibuphi ubulili.
"Kuyilungelo lomuntu ngamunye ukuzikhethela ukuthi ufisa ukuba yibuphi ubulili, leli lungelo alikwazi ukuthi linyathelwe ngabanye abantu nabo abathi banamalungelo," kusho yena.
UWandile Khumalo, wenhlangano ethunga izingubo ezilungele ukugqokwa yizo zonke izinhlobo zeLGBTQI, iQueer Clothing, obeyingxenye yabebehambele imashi, uthe abantu abathandana nabobulili obufana nobabo kwezinye izindawo basahlala ngokwesaba.
Abanye besaba nokuphumela obala basho ukuthi bathandana nabantu abanobulili obufana nobabo ngoba umphakathi abaphila nawo uyabazonda abantu abaphila leyo mpilo.
"Kwabanye akugcini lapho kuze kufike labo beshaywa khona, badlwengulwa kuthiwa bayaqondiswa kwesinye isikhathi babulawe. Yilokho esithi makuphele ngoba nathi kuyilungelo lethu ukuphila impilo esizikhethele yona," kusho yena.
UNgqongqoshe wezemiDlalo nobuCiko, uNkk Hlengiwe Mavimbela, obethula umbiko wokuthi iminyango kahulumeni seyenzeni ngemuva kokuthi kube nezikhalo ngeminyango yabo, uthe isekhona inselelo yokuthi awekho amathoyilethi abantu abathandana nabobulili obufanayo ezinkundleni zezemidlalo kodwa uma kunesidingo onogada bayabagada abantu abangaphansi kweLGBTI uma besebenzisa amathoyilethi. U
Dkt Nkosinathi Ngcobo, iNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe umnyango wabo uyindawo lapho kushintshwa khona indlela abantu abacabanga ngayo yingakho benezinhlelo eziningi zokuzama ukushintsha indlela abafundi abacabanga ngayo, bangahlukumezani.
Uthe imigomo yokuziphatha ezikoleni ihlanganisa ukungacwaswa kwabafundi abakhethe ukuthi babe ngobunye ubulili okungebona abazelwe nabo.