ABALANDELI beMeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, bathi kabahambisani nokuthi umholi wabo aqhubeke nokuhlala ekhaya ibe ikhefu abenikwe lona lenyanga yi-ANC seliphelile.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, izolo utshele abezindaba ukuthi uNkk Gumede, iMeya yaseNewcastle, uDkt Ntuthuko Mahlaba, nekhansela laseThekwini, uMnuz Mondli Mthembu, bazoqhubeka nokuhlala ekhaya kuze kube bathatha isinqumo ngabo okulindeleke ukuthi basikhiphe esontweni lokuqala ku-Agasti.
“Ubuholi besifundazwe bathatha isinqumo sokuthi iMeya yaseThekwini, eyaseNewcastle nekhansela uMthembu ukuba baye ekhefini lenyanga. Lesi sinqumo sisamile ngoba isinqumo ngekusasa labo besingakasithathi. Silindele ukuthi sisikhiphe esontweni lokuqala ku-Agasti emuva kokuthola umbiko esizobe siwunikwe yisigungu esibhekelele ukusebenza kwesifundazwe,” kusho uNtuli.
Uthe balindele ukuthi amaqabane ahloniphe isinqumo esathathwa wubuholi besifundazwe ngokuthi angabuyeli emsebenzini.
UNtuli uthe bakhathazekile ngokungabi khona kozinzo eMkhandlwini weTheku osekuholele ekutheni babe nemihlangano namagatsha enhlangano nemibutho yeqembu, okubalwa kuyo nowabesifazane.
Okhulumela abalandeli baNkk Gumede, uMnuz Mzo Dube, uthe bona abakaze bahambisane nesinqumo sokuthi imeya inikwe ikhefu.
“Esikushoyo manje wukuthi njengoba isikhathi sekhefu sesiphelile silindele ukuthi imeya ibuyele emsebenzini iqhubeke nomsebenzi wayo ngoba kwasekuqaleni kwaba yiphutha ukuba kuthathwe isinqumo sokuthi inikwe ikhefu ngoba awukwazi ukuthatha isinqumo ngohlelo ongazi ukuthi luzophetha kanjani,” kusho uDube.
Uthe isinqumo sekhefu lenyanga kwaba yisinqumo sepolitiki.
“Isicelo sokuhlaba ikhefu sifakwa emsebenzini. Umasipala wuhlaka oluzimele ngakho kasiluqondi uhlelo lwakhona ukuthi luhamba kanjani uma kuphoqeka ukuthi uqhubeke nekhefu,” kusho uDube.
Amanye amakhansela asondelene noNkk Gumede kodwa angagunyaziwe ukuthi akhulume nabezindaba acele ukuthi angadalulwa athe amagatsha awaneme ngokuthi imeya kusamele iqhubeke nokuhlala ekhaya.
“Adiniwe amaqabane, asazi ngempela ukuthi kuzokwenzekani,” kusho ikhansela.
Abalandeli bakaNkk Gumede siye koshicilela izolo kulindeleke ukuthi babe nomkhuleko wokuzila.
UDube uthe bazoqhubeka nomkhuleko wabo njengoba behlelile.
Elinye ikhansela le-ANC lithe bekuhlelwe ukuthi kuphume amabhasi amabili kwi-zone ngayinye kuma-zone awu-17, eThekwini.
Abalandeli bakaNkk Gumede bathe abakwamukeli ukuthi aqhubeka nokuhlala ekhaya.
UNkk Gumede ungaphandle ngebheyili kaR50 000, emuva kokuboshwa mayelana namacala enkohlakalo nokukhwabanisa athinta ithenda yezigidi yokuqoqwa kukadoti eThekwini.