Umengameli Jacob Zuma. Isithombe: AP

UMENGAMELI Jacob Zuma usegcine ephumele obala waphawula ngomyalelo we-ANC wokuthi esule esikhundleni ajutshwe kuso sokuba ngumengameli wezwe. 

UZuma, obekhuluma ngokukhethekile neSABC ngoLwesithathu, uthi akazitholanga izizathu ezicacile zokuhoxiswa kwakhe kulesi sikhundla. 

"Akekho umuntu osengazisile ukuthi yini embi engiyenzile. Uma kukhona okungahambisani nomthetho engikwenzile ikhona imigudu efanele (yokuqondisa ubugwegwe) kwi-ANC," usho kanje. 

UZuma uthe ngokwakhe ubesafuna isikhathi sokwethula umengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, oyiPhini lakhe, kubaholi base-Africa nabe-BRICS.

Uthe wazisa isigungu esiphezulu se-ANC ukuthi uzimisele ukwehla esikhundleni ngemuva kwenyanga kaJuni. 

FUNDA: Okuzokwenzeka uma uZuma ehla noma engehli esikhundleni

Uthe wayengahambisani nesinqumo sokukhipha umengameli Thabo Mbheki ngo-2005, ngoba yiso esaholela kuqhekeko olwabakhona kwi-ANC, olusakhona nanamhlanje. 

Ekuseni ngoLwesithathu i-ANC inqumele uZuma ugwayi katiki ukuthi kuphele usuku lwanamhlanje esesulile kulesi sikhundla kungenjalo uzokhishwa ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe kusasa.

Lokhu kudalulwe nguSotswebhu omkhulu we-ANC ephalamende uMnuz Jackson Mthembu noMgcinimafa Jikelele we-ANC uMnuz Paul Mashatile. UMthembu uthe uma kuzovotelwa ukungabethemu ubuholi bukaZuma banesifiso sokubeka nomengameli omusha khona kusasa.

Umengameli Zuma uthe uzoshicilela isitatimende ngokuthi umiphi kulolu daba namhlanje. 

-Udaba olusaqhubeka