AMAQEMBU aphikisayo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal athi kufanele kugxekwe i-ANC ngezibhelu ezihambisana nokuzitapela kanye nokucekelwa phansi kwempahla.
Lawa maqembu athi umsuka wezibhelu esezidlule nenqwaba yemiphefumulo, izimpi zangaphakathi kwi-ANC.
Ephawula lamaqembu emva kombiko kandunankulu wakulesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, awethule esiShayamthetho izolo, lamaqembu athe i-ANC kufanele ilungise izinkinga zayo zangaphakathi.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe akekho omunye umuntu okufanele asolwe ngaphandle kwe-ANC ngalezibhelu eziqale ngesonto eledlule, kulandela ukuzinikela emaphoyiseni kwaloyo owayengumengameli, uJacob Zuma.
UHlabisa uphinde wasola uhulumeni ngokuhuqa ubuthongo ngesikhathi kuqala lezibhelu.
“Uhulumeni kade ezihuqela ubuthongo ngesikhathi abantu bona ngakolunye uhlangothi bebeqhubeka nokuzitapela. Kade salihlaba ikhwelo lokuba kuthunyelwe amasosha, kepha uhulumeni wahudula izinyawo.”
Ilungu leNFP uMnuz Vikizitha Mlotshwa, lithi i-ANC kufanele izinuke amakhwapha ngokuqubuka kwalezi zibhelu. “Impi isesendeni. Kuxabene abozalo, manje sekusha izwe.” UMlotshwa ufanise izibhelu nokuvukelwa kombuso.
Umholi we-EFF esifundazweni, uMnuz Vusi Khoza, uthe akubuzwa ukuthi imibhikisho idalwe ukuboshwa kukaZuma.
“Abanye abantu bahleli lapha, benza sengathi abazi ukuthi umsuka wale nto yini. Imbangela yalezi zibhelu ukuthi kwi-ANC kukhona abantu abasebenzisa izinhlaka zezobulungiswa, ukulwa izimpi zabo zangaphakathi kwi-ANC.
“Ukuboshwa kwaZuma akukho emthethweni. Njengamanje uZuma ubhadle ejele eMtshezi, kepha icala lakhe alikaze lithethwe. I-ANC kufanele ilungise izinkinga zayo zangaphakathi.”
Umholi weDA esifundazweni, uMnuz Francios Rodgers, uthe izibhelu zihudulele phansi isithunzi sesifundazwe. Ugxeke ukungabonakali kukaZikalala nongqongqoshe, ngesikhathi kuqala izibhelu.
“Ndunankulu, ubenzele phansi kakhulu abantu bakulesi sifundazwe. Ubungabonwa nangokhalo ngesikhathi abantu bekudinga kakhulu. Uze waqala ukubonakala izolo (ngoLwesithathu), nakhona ubonakala ushaya umuntu obetapa,” kuphawula uRodgers.
Kepha uZikalala ukuphikile ukuthi ubekade engabonwa.
“Ngesikhathi isimo siqala ukuba mazonzo, ngemva kokuzinikela kukaZuma, njengohulumeni besikhona sizama ukukhalima isimo. Ngesikhathi kuqala ukucekelwa phansi kwempahla, besikhona. Ngesikhathi kushiswa amaloli eMooi River, sathumela ongqongqoshe ukuba bayobheka isimo,” kuchaza uNdunankulu waKwaZulu-Natal.
UZikalala ukuvumile ukuthi imbangela yezibhelu idalwe yizimpi zangaphakathi kwi-ANC. Ukugxekile ukubhikisha okunodlame, wathi bazobhekana nengalo yomthetho labo abaqhuba lezi zenzo.