IZOVULELA amaphoyisa kaMasipala weTheku icala intatheli ye-Independent Media eboshwe ngesikhathi kubhikisha abaseka ukubuyiselwa emsebenzini kweMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ngoLwesine.
USihle Mavuso, obhalela amaphephandaba e-Independent ezepolitiki, ubekwe icala lokushaya nokudicilela phansi isithunzi esiteshini samaphoyisa eThekwini iDurban Central lapho adedelwe khona ngemuva kwamahora amabili.
Le ntatheli ithole amachaphazela ngesikhathi amaphoyisa kamasipala weTheku ebopha abanye babantu abebebhikisha yazithola isibanjwe nangesidlozana, yabekwa phansi nentatheli ye-eNCA uMnuz Siphamandla Goge. Ngaleso sikhathi uGoge nezinye izintatheli bezilokhe zimemeze njalo ukuthi intatheli lena ayibophayo ezokwenza umsebenzi wayo.
UMavuso uthi ngesikhathi efika esiteshini samaphoyisa asithathwanga isitatimende sakhe kodwa uxhunyaniswe nommeli we-Independent Media.
Uthe naye uzowavulela icala amaphoyisa omkhandlu athe adicilele phansi isithunzi sakhe ngokumbeka phansi ngendluzula ngaphambi kokumphonsa evenini ekubeni efike ezokwenza umsebenzi wakhe.
“Ngithukile futhi ngihlazekile. Bengisemsebenzini ngizobika ngobekwenzeka. Ngihlukumezekile, ngavinjwa ekuqhubekeni nomsebenzi wami. Umndeni wami eThekwini naseMpumalanga ukhazekile ngami. Umfowethu ohlala eThekwini uze esiteshini samaphoyisa kuqeda ukwenzeka lento,” usho kanje.
Enye intatheli ebikhona kulesi sigameko uDes Erasmus, eqophe konke okwenzekile, ithi amaphoyisa abengazi ukuthi uMavuso uyintatheli.
UMavuso uboshwe kulandela ukubonwa amaphoyisa eqopha ivideo yokuboshwa komlandeli kaGumede.
Uthi ulimale edolweni, endololwaneni nasemqaleni abam’bambe ngawo. Uphinde walahlekelwa izikhiye zakhe zasendlini namakhadi asebhange.
ISouth African National Editors Forum ikugxekile ukuhlaselwa kwezintatheli kulo mbhikisho.
Abaholi bombhikisho nabo basole amaphoyisa ngokusebenzisa indluzula kungenasidingo, baphinde bagxeka nokuboshwa kwezintatheli.