UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMniz Sihle Zikalala noNgqongqoshe wezeMpilo wesifundazwe uNkk Nomagugu Simelane-Zulu abebevakashele isibhedlela iClairwood Hospital ngoMsombuluko. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA) UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMniz Sihle Zikalala noNgqongqoshe wezeMpilo wesifundazwe uNkk Nomagugu Simelane-Zulu abebevakashele isibhedlela iClairwood Hospital ngoMsombuluko. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala usekuqinisekisile ukuthi umasipala weTheku nawo uzokwehlela kwisigaba sesine sokuvalwa kwezwe kusukela ngoMeyi 1, okuchaza ukuthi uzovulwa njengezwe lonke.
UZikalala uveze lokhu ngoLwesithathu ekhuluma nabezindaba lapho aveze khona ukuthi kunezimboni ezizovunyelwa ukubuyela emsebenzini kulo masipala kodwa konke kuzokwenziwa ngaphansi kwemigomo ebekiwe yokuvalwa kwenzwe ukulwa neCovid-19.
"Yonke imithetho ebekiwe futhi izolandelelwa. Njengasematekisini nje sizoqinisekisa ukuthi bonke abagibeli bafake izifonyo futhi kunokuqhelelana phakathi kwabo. Sizokhuluma futhi namabhizinisi amakhulu kulesi sifunda ukuqinisekisa ukuthi asilungele isigaba sesine sokuvalwa kwezwe. Inkampani nenkampani kumele ikwazi ukuhlola izinga lokushisa kubasebenzi, kumele banikezwe izifonyo futhi banikezwe nezibulali magciwane," kusho uZikalala.
Ngeledlule uZikalala uzwakalise ukukhathazeka ngesibalo sabantu abahaqekile kumasipala weTheku emuva kwesimemezelo sikaMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa sokuvulwa kwezwe kancane kancane kusukela ngoLwesihlanu.
Ngaleso sikhathi uZikalala wayekhathazekile ngokunyuka kwesibalo sabantu abahaqekile eThekwini njengoba sase sifinyelele ngaphezulu kuka-500 nesibalo sabashonile siphezulu kunazo zonke ezinye izifunda ku-21.
“Okuqaphelekayo ukuthi eThekwini baningi abantu abangayishayimkhuba imithetho ebekiwe kathaqa. Enkabeni yedolobha uthola abantu behla benyuka singekho isidingo esiphuthumayo esibakhiphe emakhaya, nezimoto ziningi. Intsha ihamba ngamaqoqo ezitaladini. Ayiqhelelani, le ndlela yokuziphatha kumele iphele. Abantu abayeke izinkolelo-ze zokuthi leli gciwane lingena abohlanga oluthile nabahlala ezindaweni ezithile,” kuxwayisa uZikalala ngeledlule.
UNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana nabaholi bezoMdabu kuzwelonke, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, kuleli sonto, uveze ukuthi izigaba zokuvalwa zingase zihluke ngokwezifundazwe noma izifunda.
Khonamanjalo, umnyango wezempilo kuleli, izolo uveze ukuthi isibalo sabahaqekile kuleli sinyukele ku-4 996, asebesindele sebewu-2 073 kanti sekushone abawu-93.