IZOSHICILELWA emaphephandabeni nakweminye imithombo yabezindaba imiphumela kamatric emuva kokuthi inkantolo ivune i-AfriForum kulolu daba.
I-AfriForum, iMaroela Media nomfundi ka-matric u-Anle Spies baye enkantolo bekhala ngokuthi akuhlukumezi muntu ukushicilelwa kwemiphumela ka-matric ngakho kufanele ishicilelwe, uMnyango weMfundo eyisiSekelo iyeke ukucasha ngomthetho iProtection of Personal Information.
UNksz Natasha Venter okhulumela i-AfriForum kwezemfundo, uthe bayajabula ngesinqumo senkantolo futhi umnyango kufanele uthinte abezindaba ukuze baqalise izinhlelo zokushicilela imiphumela.
“Ukushicilelwa kwemiphumela kamatric emaphephandabeni kugqugquzela abafundi ukuba benze kahle. Akuhlukumezi muntu, ngisho labo abasuke besazofunda u-matric bayagqugquzeleka ukuthi basebenze kanzima. Ukungashicilelwa kwale miphumela bekuzophazamisa izinhlelo zabafundi zokuyobhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme nokuthi bazibone ukuthi benze njani,” kusho uNksz Venter.
Uthe abanye abafundi sebehlala kwezinye izifundazwe ngoba nemiphumela izophuma sekuhambe isikhathi.
Wenze isibonelo ngo-Anle oyofunda eNyuvesi yaseFree State othe ngeke akwazi ukushesha aye esikoleni abefunda kuso ukuyolanda imiphumela.