UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uthi kumele iboshwe ngokuphazima kweso iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ngoba ikhohlakele ukudlula zonke izimeya KwaZulu-Natal.
UMalema usho lokhu izolo ngesikhathi ethula usomqulu wokhetho we-EFF eChatsworth Stadium, eThekwini.
Uthe ukube amaphoyisa azimisele ukulwa nenkohlakalo ngabe abopha uNkk Gumede ngoba unuka phu yinkohlakalo.
“Amaphoyisa awayeke ukudubula izingane zethu ezikhungweni zemfundo ephakeme ngoba uma nidubula izingane nivikela izigebengu. Uma amaphoyisa ezimisele nokulwa nenkohlakalo kufanele abophe uNkk Zandile Gumede ngoba ukhohlakele. Usohlwini lweziMeya ezizoboshwa maduze. Ukube onogada bakhe bathembekile ngabe bamhambisa esiteshini wamaphoyisa esiseduze naye.”
Okhulumela imeya uMnuz Mthunzi Gumede uthe lesi yisikhathi sokukhankasa ngakho uMalema uzama ngazo zonke izindlela ukuthandwa abavoti esebenzisa amanga nezimfundisoze.
Uthe abakhohliwe wukudliwa kwemali eLimpopo. Uthe imeya ayikhohlakele futhi ngeke ithikanyezwe yilawa manga.
UMalema uthe i-EFF iyakhula futhi uma kufika uMeyi 8 izophatha KwaZulu-Natal.
Uthe uyazi ukuthi abantu abamnyama basebenza ezindlini zamaNdiya eChatsworth.
“Omama bethu baholelwa imali encane futhi obaba bethu basebenza ezingadini nabo baholelwa imali encane. Siyawakhuza amaNdiya ngalo mkhuba wawo omubi. Awayeke ukucabanga ukuthi afana nabelungu ngoba nawo amnyama njengathi. Sifuna abantu abasebenzela amaNdiya baholelwe uR4 500 ngenyanga bathole i-medical aid nemali ezobaphilisa uma sebethathe umhlalaphansi,”
Uthe iKwaZulu-Natal yikhaya le-EFF futhi leli qembu liyakhula ngoba irali yalo izimaziswa ngabantu abaningi abadlula amalungu e-IFP akade eseChatsworth Stadium emasontweni edlule.
UMalema ugqugquzele abantu ukuthi baphume ngobuningi babo ngoMeyi 8 bayovotela i-EFF ngoba iyona ezolwa nenkohlakalo, ilethe imfundo yamahhala yangempela kusuka ezikoleni zamabanga aphansi kuya ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uthe ayikho imfundo yamahhala okwamanje ngoba abazali basathengiswa izinsiza kufunda emabangeni aphansi futhi nasezikhungweni zemfundo ephakeme bancikiselwa ngemali yokufunda yiNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
UMalema uthe ngeke aphumule ababulali bomngani wakhe uMnuz Sindiso Magaqa bengakaboshwa.
Uthe abantu mabavotele i-EFF ngoba i-ANC igcwele amasela abulalana wodwa ngoba efuna ukudla amandla ombuso.
Uthe uMengameli Cyril Ramaphosa kufanele aye ejele ngokubulawa kwabavukuzi baseMarikana.
Wathi uma kuphuma uRamaphosa esikhundleni i-ANC izofaka ezinye izigebengu esiyiPhini likaMengameli wezwe uMnuz David Mabuza emva kwakhe kufakwe uMnuz Ace Magashule naye ambize ngesigebengu.
Uthe ukube uMnuz Fikile Mbalula obhekelele izinhlelo zokhetho ze-ANC uyasithanda isikole ubengayihola i-ANC kodwa ngoba akasifuni isikole i-ANC izohlala ikhathele.
Uthe i-EFF izonyusa impesheni ngemali ebonakalayo hhayi ngoR10, inyuse umnotho bese iba nabaholi abafundile.