SISHUBILE isimo ezikhungweni zemfundo ephakeme eThekwini kuqhubeka imibhikisho yezitshudeni ngoMsombuluko.
Izitshudeni zase-University of KwaZulu-Natal (UKZN) zivuke umbhejazane zalimaza zaphinde zashisa impahla endaweni ehlala izitshudeni eSouth Beach emgwaqeni uHospital Road.
Lezitshudeni bezikhala ngokungagculisi kwendawo yokuhlala okufakwa kuyo izitshudeni.
Okhulumela amaphoyisa omkhandlu uSuperintended Parboo Sewpersad uthe abafundi baqale izolo ebusuku ukubhikisha.
Uthe amaphoyisa avale umgwaqo aqapha isimo kodwa akekho oboshiwe.
EMangosuthu University of Technology (MUT) kuboshwe izitshudeni ezinhlanu ngecala lokulinyazwa kwempahla. Izitshudeni ziketule imoto ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho kulesi sikhungo zikhala ngokunyuka kwemali yokubhalisa, eyokufunda neyokuhlala kulenyuvesi.
Umengameli womkhandlu wezitshudeni i-EFFSC e-MUT uMnuz Codesa Gwala uthe izitshudeni zalenyuvesi ngeke zikwazi ukukhokha lemali njengoba isinyukile.
"Le nyuvesi ihlwempu, kanjalo nabafundi bayo ngakho akusiwo umqondo ophusile ukuthi kukhushulwe izimalo. Ziningi izitshudeni ezivela ezindaweni zasemakhaya ezingeke zikwazi ukukhokhela inyuvesi njengoba imali inyukile," kusho uGwala.
Ezinye izinto ezinganeme ngazo lezitshudeni ukwehla kwesibonelelo semali yezincwadi sakwaNSFAS obathe sehle ngo R2000.
Lombhikisho ubuthinta zonke izitshudeni njengoba bekukhona namanye amaqembu okubalwa kuwo i-SASCO, SADESMO kanye ne-DASO.
UGwala uthe bashaqekile njengoba sekukhona ababoshiwe ngoba bona bebefuna ukuzwakalisa izikhalo zabo.
"Sesizolwela ukuthi kuphume laba ababoshiwe, kodwa uma bephuma sizoqhubeka nokubhikisha uma zingakafezwa izidingo zethu," usho kanje.
Abaphathi baseMUT bahlele ukuhlangana nomkhandlu wabafundi ukuzoxoxisana ngenqubekela phambili.
Kwesinye isehlo kume nse ukufunda enyuvesi i-Durban University of Technology ngemuva kokuthi izitshudeni zakulenyuvesi zimashele eCity hall ukuyodlulisa uhla lwezimfuno zawo ezilubhekise kuhulumeni ne-National Procecuting Authority (NPA).
Ngesonto eledlule iDUT imemezele ukuthi ukufunda kuzoqala namhlanje ngemumva kokuvalwa kwayo kulandela ukudutshulwa kubulawe uMlungisi Madonsela obengumfundi kulesi sikhungo.
Umkhandlu wezitshudeni uthi ufuna kuboshwe ababulale uMlungisi kuphindwe kuxoshwe nenkampani yonogada.
Owengamele umkhandlu wabafundi uMnuz Sesiyanda Godlimpi uthe kubalulekile ukuphepha kwezitshudeni.
"Asizizwa siphephile siyizitshudeni ngoba noma sizihambela siyiqoqo onogada bavele bafuna ukusihlakaza, ngakho sifune bakhishwe," kusho uSesiyanda.