IZITOLO zokudla zakwaSpar, ziyalelwe ukuba zikhokhele abasebenzi imali engaphezu kukaR11 million, ezibakweleta yona emva kokutholakala ukuthi azizange zilandele umthetho wokuholela abasebenzi ngendlela yakuleli.
UMnyango wezaBasebenzi nokuQasha kuleli, usamukele isinqumo seCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA), odabeni oluthinta oSpar abayisishiyagalombili bakaMnuz Giannacoupolous, igama lakhe elingatholakalanga.
Lesi sinqumo sithe kumele kukhokhelwe abafake isicelo uR11 935 478, 00. OSpar abathintekayo kutholakale ukuthi bebengahambisani nomthetho olawula ukuholelwa kwabantu kuleli, imali encane engaholelwa umuntu.
Umnyango wenza uphenyo emuva kokuthole izikhalo kubasebenzi ukuthi umqashi akayilandeli imithetho yabasebenzi.
Uphenyo lwenziwe ngoMeyi 2019. Ezitolo ezingu-10 ezithintekayo, eziyisishiyagalolunye eziseGauteng nesisodwa eNorth West, izikhalo ezavezwa ngokuhlukunyezwa kwamalungelo labasebenzi kubalwa ukungabanikezi abasebenzi izinkontileka zokuqashwa, ukusebenza amahora amade ngaphandle komhlomulo, ukungawutholi umhlomulo wokusebenza ngamaSonto nangezimpelasonto.
Kukhona nezikhalo ngokuqasha abantu bokufika kuleli ngokungekho emthethweni nokudonsa imali emholweni wabo kungafanele. OSpar abaphenywa kubalwa laba: Spar Orchards, Dely Road, Doornport Spar, Montana Spar, Wierda Spar, Silverton Spar, Zambezi Super Spar, Rietfontein Spar, Silverplace Spar no-Safari Spar eRustenburg.
Lezi zitolo ziqashe abasebenzi abangu-565, zinikwe izinsuku ezingu-14 ukuthi zikhokhe ngaphandle kwalokho zizobe sezikhokha nenzalo.
UNksz Aggy Moiloa womnyango uthe: “Umsebenzi owenziwa abaphenyi bethu uqinisekisa ukuthi senza umehluko kubasebenzi ababuthaka.”