Izindaba

Izithombe zemicimbi

Zimbili Vilakazi|Published

UNGQONGQOSHE uMnuz Sihle Zikalala ube ngomunye wezicukuthwane kwiNgwe Cultural Festival ebisezinkundleni zemidlalo zasoKhalweni, eNdwedwe

KUBE yinjabulo yodwa uMfu Thandi Masuku webandla iNew Testament Community Church egubha ukuhlanganisa iminyaka engu-70 esadla anhlamvana. Umcimbi ubuse hholo lomphakathi eDassenhoek eMariannhill
UPHETHE ngokuthi banikwe imiklomelo umcimbi obuseDumbe emva kokufundiswa kwabo kafishane ngezifundo zeHome Based Care and HIV Counseling. Lokhu bekuhlanganiswe nomgubho woSuku lwamaGugu, obuhlelwe nguNkk Thobile Hlatshwayo weHleloluhle HIV/AIDS and Orphans e-Poulpitersburg
BEBETSHAKADULA kanje odado ngesikhathi uNkk Thembeka Nanti Ngidi waKwaNgcolosi, onothando lwezokuthuthukiswa kwamathalente entsha emphakathini, ebayisa ohambweni lokufunda ngezamagugu eLindelani
BEKUKUHLE kudelile uNksz Thulisile Xaba ehambisa ingqibamasondo kubo kamyeni wakhe, uMnuz Siyabonga Mahlangu eRichards Bay
BEBEVUNULE beconsa uNksz Thembelihle Mkhize noNksz Thembile Mkhize ngomemulo wabo eTamboville eMgungundlovu

BEKUBHIKLWA ingoma uNksz Asanda Phahla enzelwe umhlonyane ngoSuku lwamaGugu ngeSonto. Umcimbi ubuseNsungwini KwaMaphumulo. Eduze kwakhe umi nodadewabo uNksz Samkelisiwe Dlamini
BEKUFINYWA ngendololwane abazali bakaNksz Andiswa Gema bemenzele umemulo KwaNokweja eXobho. Esithombeni umi nabazali uMnuz Dumisani Gema noNkk Nondumiso Gema
UNINA kaSthembile uNkk Zanele Mkhize, enzela indodakazi yakhe umcimbi. Ibonge yanconcoza kwehla nezinyembezi zenjabulo
BEKUKUHLE koGwabe lapho indodakazi yakhona, uSthembile Mkhize, beyenzelwa umemulo. Bekusindwe ngobethole kuhlathwe izinkomo ezintathu ngenkathi unina, uZanele Mkhize enzela indodakaz yakhe. Ifikelwe wumunyu ibonga unina Izithombe: ZITHUNYELWE