KUBA mnandi uma kuhlangene imindeni, izihlobo nabangani kudliwa izibiliboco, kugeleza neziphuzo. Sikuphathele imicimbi ehlukene exoxwa ngezithombe. Uma ufisa ukuthi izithombe zomcimbi wakho zishicilelwe kuleli khasi, zithumele nge-email ethi: [email protected]
Bhala kafushane ukuthi bekuwumcimbi kabani, umayelana nani futhi ukuphi?
BEKUKUHLE kudelile kumembeso kaNksz Nozipho Mthembu waseSt. Faiths, Ophepheni, obembeswa nguMnuz Melusi Mdlalose waseVryheid
BEKUYINJABULO yodwa uNksz Snentokozo Ngcobo ethweswa iziqu e-UKZN Westville Sports Centre
IBE yimpumelelo ingxoxo eyenziwe uNksz Nokuhle Ncayiyana netsha ngezihloko ezahlukene ezithinta impilo
BEKUKUHLE kanje ngesikhathi uMnuz Fanele Dlamini ebopha ifindo likasofasilahlane noNksz Lindiwe Khambule, bobabili abaseHlabeni, eMakhuzeni, eBulwer
BEKUYINJABULO yodwa umndeni wakwaMbonambi eNdwedwe, wenzela uNksz Thabisile Mbonambi noNksz Phindile Msomi umemulo
INJABULO ibibhalwe ebusweni kuMnuz Phumlani Nxumalo ehambisa umembeso kwaMabunda eMatikwe, eMzinyathi
BEKUVELA elomhlathi ngenxa yentokozo kuMnuz Dennis Nyawo ehambisa umembeso kubo kwengoduso yakhe uNksz Hlengekile Hlophe eNdwedwe
UMNUZ Bryce Mthimkhulu III emukela umklomelo wokuba yiNxusa lenhlangano engaphansi kwe-United Nations, i-International Association of World Peace Advocates kuMnuz Anthony Chinedum emcimbini obuseMahlutshini, eShowe