IZIPHATHIMANDLA zizama ukuletha ukuthula nozinzo emgceleni waseManguzi, kulandela izinsolo zokudubulana kwamasosha akuleli nomakhelwane babo, nokuholele ekushoneni kwamaphoyisa amabili aseMozambique.
Lemizamo yenziwa nje kunovalo emphakathini ukuthi omakhelwakhe babo baseMozambique bangabavimbela ekungeneni ezweni labo uma befuna ukuqhuba amabhizinisi abo kuleliyalizwe.
Akukacaci ukuthi yini edale ukuba kubulawe laba, kwazise kunezincazelo eziningi ezihlukene kodwa i- Independent Media itshelwe abantu bakulendawo abahlukene ukuthi lesi sigameko senzeke emhlabeni waseMozambique, namasosha abethinteka asusiwe enkanjini yamasosha eKosi Bay.
Ikomiti elangamele amatekisi athutha abantu kulemigcele ahlanganile, athi loludaba izoliyekelela ezandleni zabaphethe uphenyo.
Ngakolunye uhlangothi iNkosi yamaTembe uMabhudu Tembe usenxuse ukuba kube nozinzo, wathi kuningi okuhlanganisa lamazwe amabili, kunalokho okuwahlukanisayo.
Okhulumela amasosha u-Brigadier Mafi Mgobhozi, utshele i-Independent Media ukuthi balinde ukuhlangana nozakwabo baseMozambique bese kuba nombiko ohlangene abazowukhipha.
“ Sithathe isinqumo sokuthi singakhiphi umbiko sodwa kodwa silinde ukuba siwuhlanganise nozakwethu. Sithumele ithimba ukuba liyohlangana nabo ngeshwa bajika esikhumulweni sezindiza ngoba kuthiwa abekho abantu okumele babe nomhlangano nabo bakuleliya lizwe. Bathe bazosinika olunye usuku esizohlangana ngalo,” kusho uMgobhozi.
Usihlalo we-Border Taxi Association uMnuz Kenneth Mlambo, uthe bahlangene nozwakwabo baseMozambique ukuqinisekisa ukuthi lesi simo asiphumi esandleni.
UMgobhozi ukuphikile ukuthi amasosha athinteka kulolu daba asusiwe enkanjini.