Izinyunyana azeneme ngeyezifonyo ezikoleni, Leon Lestrade. Story Kowthar Solomons
IZINYUNYANA zothisha zithi kuseva ukuthi zingathi ncinci kamjoli ngendaba yeCovid-19 njengoba bekumele kuqhutshekwe nokugqokwa kwezifonyo ezikoleni, ikakhulu lezo ezigcwele kakhulu.
Izinyunyana, iNatu neSadtu zithe azeneme ngokuthi uMnyango weMfundo eyisiSekelo umane wanquma ukuthi akuyekwe ukugqokwa kwezifonyo ungazange uxhumane nezinhlaka ezifanele njengoba bekuhlale kwenzeka.
UNgqongqoshe uNkk Angie Motshekga, uthe abafuna ukuqhubeka bagqoke izifonyo ezikoleni bangakwenza lokho kodwa akuseyona impoqo ukuthi zigqokwe, emuva kokuqedwa kwemigomo ethinta leli gciwane nguNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo ngeledlule.
UNobhala jikelele weSadtu uMnuz Mugwena Maluleke, uthe bekungamele kusheshe kuyekwe ukugqokwa kwezifonyo ngoba kusagcwele emakilasini.
Uthe ezikoleni okufunda kuzo izingane ezihlwempu nasemalokishini kusacinene, ngakho abafundi bazothelelana.
“Noma kuthiwa sekulele kumuntu ukuthi asigqoke noma angasigqoki isifonyo kodwa ezikoleni bekumele kuthiwe akuqhutshekwe ukuze abafundi nothisha baphephe. Njengoba kuvaliwe nje kuzovulwa maphakathi noJulayi, kuvele kuwubusika futhi umkhuhlane udlanga kakhulu ngalesi sikhathi.”
Uthe unovalo lokuthi kungase kuthi kuvulwa kube kuphinde kuvalwe izikole ngenxa yabantu abazobe sebethelelene.
Ukhale nangokuthi abazange bathintwe ngumnyango ngaphambi kokuthatha lesi sinqumo.NoMnuz Sibusiso Malinga ibamba likaMengameli weNatu, ukhale ngokuthi abazange bathintwe njengoba bekwenzeka phambilini.
Uthe ngeke basheshe bajabule ngokuthi isifonyo sekulele kumuntu ukuthi asifake noma angasifaki ngenxa yokuthi leli gciwane lisekhona futhi lisabulala abantu.
“Bekumele kuxoxwe ukuthi izomiswa kanjani eyezifonyo ngaphambi kokuba kuvulwe. Aseneme ngalesi sinqumo ngoba sibona ingozi yokuthi baningi abazothelelana ngaleli gciwane.”
Uthe usola ukuthi umnyango umane wajabula wafa uma uzwa kuthiwa izifonyo sezizoyekwa, ngenxa yemali.
“Vele umnyango ubungasazilethi izifonyo ezikoleni. Akumele kongiwe imali bese kubekwa engcupheni impilo yabafundi nothisha.”
Ululeke othisha ukuthi baqhubeke balandele imigomo yeCovid-19, bazifake izifonyo ukuze baphephe.
Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bakukhathalele ukuphepha kwabafundi nothisha ezikoleni.
Uthe njengoba ungqongqoshe eshilo, kulele kubafundi nothisha ukuthi bayazigqoka noma abazigqoki izifonyo.
“Siyaxwayisa ukuthi iCovid-19 isekhona ngakho kumele abafundi nothisha bazivikele.”