UKUBONA isasasa kubalandeli abathanda ukujima ezinkundleni zokuxhumana, kwenze izintokazi zaseThekwini zavula inkampani ekhuthaza ukuzivocavoca.
UYolanda Sokhela oyiPersonal Trainer noSbahle Mpisane odume ngeleFitness Bunnie, sebesebenza ndawonye ukukhuthaza ukujima ngaphansi kwenkampani yabo, iDual Aerodance. Baqale ngo-Ephreli nonyaka umkhankaso wokuvakashela amalokishi, abakhuthaza kakhulu abesifazane ukuthi bazivocavoce. Echaza uYolanda uthe ubebona indlela abantu abaphawula ngayo ngomsebenzi wakhe noSbahle ezinkundleni zokuxhumana. Uthe uhlabeke umxhwele nangendlela abantu basemalokishini asebekukhuthalele ngayo ukujima.
“Abaningi uSbahle bebemazi ezinkundleni zokuxhumana kuphela. Bebekhala ngokuthi bayafisa ukumbona bajime naye ngoba bathanda indlela umzimba wakhe obukeka ngayo. Ngakubona kuyinselelo lokhu, ngakhuluma noSbahle wavuma ukuthi sisebenze ndawonye,” echaza.
#SibungazaImbokodo| Amazwi kaMama uMiriam Makeba https://t.co/eqF6fZoKpF #IntandokaziYesizwe #TotalShutDown #WomensMonth pic.twitter.com/ejoXJRW9Rk
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) August 2, 2018
Uthe kulo mkhankaso banxenxa abantu abanamaqembu okujima ukuthi babameme ukuzojima nabo emalokishini. Baqale ukuvakashela eMlaza lapho uYolanda athi kunamaqembu amaningi okujima. Ezinye izindawo abazivakashele kubalwa iMontclair naKwaMashu.
“Isikhathi esiningi ngabesifazane abakhuluphala kakhulu, bahlaselwe nayizifo ezihlobene nakho. Siheha kakhulu nentsha ngoba uSbahle ulandelwa yiyona kakhulu ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uYolanda.
USBAHLE Mpisane osesebenzisana noYolanda Sokhela ukukhuthaza ukuzivocavoca emalokishini, ikakhulukazi kwabesifazane Isithombe:FACEBOOK
Ngo-Agasti 11 bazoba nomcimbi wokuqala omkhulu e-Amphitheatre eThekwini ogxile kwabesifazane.
UYolanda useqeqeshe abaningi asebengoPersonal Trainer, wavula nendawo yokujima ePort Shepstone. Uyinxusa lezimpahla zokujima aphinde asebenzisane nelinye lamaphephabhuku. USbahle naye uyinxusa lemikhiziqo yezemidlalo nemikhankaso eminingi yokunakekela umzimba aphinde abe yiFitness Trainer. Eminye imininingwane ngomcimbi wabo itholakala emakhasini abo ezinkundleni zokuxhumana.
Umyalezo woMhlel
i
: Kule nyanga sizobungaza abesifazane ngokuba nezindaba ezibathinta ngqo ezibathuthukisayo, ezibakhayo, ezibafundisayo, ezibahlomisayo nezibagqugquzelayo. Nsukuzonke kule nyanga sizogqamisa nabesifazane asebephumelele ngehloso yokugqugquzela siphinde sikuvuselele sikukhuthaze ngamazwi obuhlakani akhulunywa yimbokodo engamaqhawe.