IZINTATHELI eziphinde zibe ngababhali bezincwadi uMnuz Jacques Pauw noMnuz Pieter-Louis Myburgh basamukele isinqumo senkantolo sokuthi kuphenywe iphoyisa nemantshi eyasayina izincwadi ezigunyaza ukuboshwa kwabo.
UPauw noMyburgh batshele i-Independent Media, eshicilela Isolezwe ukuthi bakhathazekile ngobudlelwano obuphakathi kwamaphoyisa nosomabhizinisi.
"Yisinqumo esihle esizocacisa ubudlelwano phakathi kwamaphoyisa nosomabhizinisi," kusho uMyburgh.
Imantshi yenkantolo yaseThekwini, uMnuz Irfaan Khallil uthe uColonel Reuben Govender nemantshi yenkantolo yaseNtuzuma kufanele baphenywe ngendlela abaphatha ngalo udaba lukaPauw noMyburgh.
UPauw uchaze uGovender njengesimaku sikasomabhiznisi waseThekwini uMnuz Roy Moodley.
Uthe isinqumo sikaKhallil sikhombisa ngokusobala ukuthi kukhona abantu abalungile ezinhlakeni zomthetho abenza umsebenzi wabo ngendlela.
Uphinde wathi uyaqhubeka nokumangalela uGovender kwi-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).
UMyburgh uthe bakhathazekile beyizintatheli eziphenya inkohlakalo kuhulumeni nasezinkampanini ezizimele ngoba bayashushiswa.
Umkhulumeli wamaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vishnu Naidoo uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba njengoba ethi akazange asibone isinqumo senkantolo.