USEKELA Meya waseThekwini, uNkk Belinda Scott, usezinhlelweni zokusula esikhundleni sakhe.
Lokhu kudalulwe iMeya uMnuz Mxolisi Kaunda, ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu, izolo.
UNkk Scott, oke waba ungqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, akukapheli ngisho iminyaka emibili afungiswa kulesi sikhundla.
Wangena kulesi sikhundla ngo-Agasti 2019, ngesikhathi i-ANC ihlakaza isigungu esiphezulu kulo masipala, esasiholwa uNkk Zandile Gumede, njengemizamo yokutakula umasipala ezinkingeni ezaziwukhungethe ngaleso sikhathi.
Ephendula imibuzo yamakhansela, uKaunda uthe kuyiqiniso ukuthi uNkk Scott ubesebazisile ukuthi ufuna ukwesula kulesi sikhundla.
Kepha ube eseyalela ukuthi eminye imibuzo ibhekiswe kwi-ANC okuyiyo eyafaka uNkk Scott esikhundleni.
“Njengamanje usekela meya unathi, uyaqhubeka nomsebenzi yize noma egula. Esikhundleni wafakwa yinhlangano yakhe, okuyiyo okufanele yenze isimemezelo ngekusasa lakhe, uma kunesidingo. Thina esingakuqinisekisa ukuthi usesazisile ukuthi uhlela ukushiya.”
UKaunda ubephendula imibuzo yamalungu esigungu esiphezulu, uSotswebhu weDA kulo mkhandlu, uMnuz Thabani Mthethwa nomholi wenguyazana ye-IFP kulo mkhandlu, uMnuz Mdu Nkosi.
UMthethwa uthe ayakhathaza amahlebezi okuthi uNkk Scott nezinye izikhulu eziphezulu kulo masipala, zihlela ukushiya ngenxa yokungezwani okukhona ngaphakathi kumasipala.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe bebengakaziswa lutho ngalokhu.
“Nginesiqiniseko sokuthi ubuholi bukamasipala busazosazisa uma kuwukuthi bona sebazisiwe.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNkk Scott, ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, kanti futhi nomyalezo belingawuthathi.
Sekunesikhathi eside kunokuqagela ngekusasa likaNkk Scott kulo masipala.
UNkk Scott walandelwa ukuzoqapha ukusetshenziswa kwemali yalo masipala emva kokuba ungene ehlazweni lwenkohlakalo kwithenda kaR430 millio yokuqoqwa kukadoti.
Uyena ongusihlalo wekomiti elibhekelele ukusetshenziswa kwemali kulo masipala.
Ngokwemithombo, lesi sikhundla simfake ngaphansi kwengcindezi enkulu uNkk Scott, saphinde samdalela inzondo kwabanye ozakwabo.
“Ukuthole kunzima ukusebenza ngenxa yokungazwani okukhona ngaphakathi. Sekunesikhathi eside eyicabanga indaba yokusula esikhundleni ngenxa yokuthi akusebenzeki kahle,” kusho omunye umthombo ocele ukuthi igama lawo lingadalulwa.